USenzeni Chili ucela uxhaso lokushicilela incwadi yakhe

USenzeni Chili (38) odabuka KwaMaphumulo kodwa otholakala KwaSanti, eMarianhill ngokokuhlala, uqale ukubhala izindatshana ezimfishane  ngonyaka ka2020 yize engakaze akhiphe incwadi etholakalayo ezitolo ezidayisa izincwadi kodwa zikhona asezithengisile ezinkundleni zokuxhumana.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi uthe: “Angikaze ngithole amandla okuthi  ngikhiphe umsebenzi wami njenge ncwadi etholakalayo ezitolo ezidayisa izincwadi   kodwa ngenxa yokuba nothando lokubhala izindatshana ngiyaye ngibhale ekhasini lami lakuFacebook nokuyilapho ngiphinde ngithole khona ithuba lokuthi ngidayise zona izindatshana zami ngohlelo lwePDF angigcini lapho ngiphinde ngizithengise nasenkundleni yokuxhumana uWhatsapp nengicelayo ukuthi abantu baxhumane nami ukuze bakwazi ukuzothenga”

“Okusha abantu engifisa bakwazi ngami ukuthi ngizoqala ukubhalela abaqophi be-Drama aba zinze oPhongolo nengithembayo ukuthi ukusebenzisana kwethu kuzoba uhambo oluzoba impumelelo siphinde sifundisane okuningi njengoba kuhlala kushiyo ukuthi uma ungumuntu ufunda uze uwufulathele lomhlaba” kuchaza uSenzeni

Ephetha inkulumo yakhe uthe angafisa ukuthi athole uxhaso lwemali ukuze akwazi ukushicilela incwadi yakhe ayibhala wayibeka ngenxa yokuswela imali. Izindatshana zakhe ziyatholakala ezinkundleni zokuxhumana kwiFacebook page: Indandatho enonyembezi kanye nakwiWhat’sapp group, uma ufisa ukuxhumana naye ngqo mayelana nakuthize ungamushayela kule nombolo: 0786617966 etholakalayo naku what’sapp