UNgcebo Shabalala ucela uxhaso lokuvula iStudio sokudwebela

UNgcebo Shabalala(24) odabuka eNewcastle kodwa otholakala eMpangeni ngokokuhlala njengoba efunda eNyuvesi yaseZululand ungene endimeni yokuba ngumdwebi ngonyaka ka2017 ngeStage name sikaMdwebi odwebayo.

“Ngiqale ukudweba ngonyaka ka2017 kodwa okwamanje ubungekho umsebenzi ebesengike ngawukhipha ngokusemthethweni njengoba bengiyaye ngizidwebele nje uma ngibhorekile noma ngicelwe umuntu othize kulabo abaziyo ukuthi ngiyakwazi ukudweba kodwa khona kuyisifiso sami ukuthi umsebenzi wami ugcine usabalele nabantu bagcine sebengazi ngaleyo ndlela ngikholelwa ukuthi umsebenzi wami uyothuthuka ngenye indlela. Abantu ngiyafisa bangixhase ngokuthi bangicele ngibadwebele futhi ngiyakholelwa ukuthi akukho okungangihlula ukukudweba njengoba nginanesiqubulo engisisebenzisayo esithi “I BRING YOUR IMAGINATION TO REALITY” kuchaza uMdwebi odwabeyo

Ephetha inkulumo yakhe uthe uyafisa engathi osomabhizinisi abathanda ezobuciko bangamuxhasa ngemali yokuthi avule esakhe istudio nokuyoba indawo ayophinde afundisele khona abantu abayintsha abanothando lokudweba.

Uma ufisa ukubona umsebenzi kaNgcebo ungavakashela lezizinkundla zokuxhumana, Mdwebi odwebayo facebook account, Ngcebo’s art work facebook page: Ngcebo_the_artist on Instagram, Ngceboart on tiktok noma uxhumane naye kule nombolo: 067 632 8332.