SAMUKELISIWE MBONAMBI
Ngonyaka ka-2021, i-CAF yathumela umlayelo ezifundeni zayo ezingu-54 wokuthi amaqembu asekhaya kufanele ethule amaqembu abesifazane njengoba sekuzoba enye yezinto ezidingekayo ukuze amaqembu angenele iChampions League neConfederation Cup. Kodwa-ke, amaqembu ezingxenyeni eziningi zezwekazi, okuhlanganisa neNingizimu Afrika kubukeka sengathi lomthetho awushaya indiva osekudale ukuthi kube nomnqamulajuqu wokwenza lokhu.
Uma kubhekwa kwiPremiership, yiMamelodi Sundowns, TS Galaxy neRoyal AM kuphela abanamaqembu agijima kuNational Super League nokuyinto engakhombisi inqubekela phambili.
Izikhondlakhondla zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, okulindeleke ukuthi zibe ingxenye yomqhudelwano wase-Afrika bebengakawathuli abamaqembu abo abesifazane.
Uma iPirates neChiefs iphela isizini beqhwakele endaweni yesibili kwiligi kule sizini, kuzoqinisekisa ukuya kwiChampions League ngesizini ezayo, okubaphoqayo ukuthi basheshe bethule amaqembu abo abesifazane.
UJordaan, ekhuluma ohambweni lwendebe yeFifa Women’s World Cup eSoweto ngeledlule, ukhumbuze amakilabhu alwela ukuba kuma phozishini amathathu phezulu kuligi ngokumele akwenze.
“Ngonyaka ozayo iCAF izoba nomthetho wokuthi uma ufuna ukudlala kuChampions League kumele ube neqembu labesifazane. Ngakho-ke lawa maqembu alwela indawo yesibili ku-log kumele akuqonde ukuthi uma efika endaweni yesibili engena kuChampions League kumele abe neqembu labesifazane.” Kugcizelela uJordaan