kuqhubeka kahle kakhulu  ukuvotelwa kwamaCiko kowe KZN Namuhla Artists Awards 2023

Kuzokhumbuleka ukuthi leliphephandaba lihlela umcimbi wokubungaza iminyaka engu 25 labakhona libe lihlanganisa kanye nokubungaza inyanga yamaGugu eba njalo ngenyanga ka Septhemba, yabe isiphinda ithatha ithuba lokuhlonipha amaCiko asafufusa kanye nazozonke izinhlangano zomphakathi ezingenzi inzuzo.

Kulonyaka lomncintiswano wokuhlonipha amaCiko ubonakala uhehla ngisho amaCiko angaphandle kwesifundazwe saKwaZulu-Natali njengoba kukhona nalawo avela esifundazweni iGauteng kanye ne Eastern Cape. Kanti kulesifundazwe kuzobe kukhona avela ezifundeni ezifana neIlembe, eThekwini,   “ Ngithanda ukukhuthaza abalandeli ukuthi baqinise ukuvotela amaCiko abo njengoba bewaqokile ukuze bangazisoli mhlazane sekuklonyeliswa lawo ayobe ethole amavoti