UNondindwa ongumculi kaMaskandi ubonga abalandeli ngokumvotela kowe KZN Namuhla Artists Awards 2022

UNgcebo Mhlongo waseMandeni eNdulinde ku Bashibhisi, uNgomunye weciko elenza umculo ka Mas’kandi elawina indondo kwi KZN Namuhla Artists  Awars 2022 kwi Best New Comer, lapho kwakulawula ivoti leciko kuhlungwa inkunzi emaduneni.

UNondindwa uthi weswela imilomo eyizinkulungwane yokubonga kwabe KZN Namuhla  kanye nakubalandeli bakhe  ngento enhle kangaka abamenzela yona. Ikakhulukazi eMandeni eNdulinde.

“kwangihlaba umxhwele kwangijabulisa kakhulu ukuphumelela kwami ngazizwa ngeneme kakhulu ngomsebenzi wami Kanye nabalandeli bomculo wami ngokuzikhandla ngokuvota”.Kusho uNondindwa.

“Ukubakhona kwalendondo kungenze ngazethemba kakhulu kunakuqala nakubake ngingawungabazi umsebenzi wami.yaphinda yangibeka phambi kwamehlo abahleli bemicimbi ngoba abanye bakwazile ukungiqasha emicimbini yabo kungekhona  kodwa lokho miningi neminyango engingqongqozile ngayo yavuleka yanginika nesithunzi kanye nokuhlonipheka egameni labaculi”.

“Kulabo abakholelwayo emsebenzini ka Ngcebo Nondindwa Mhlongo ezenhlinabeyiphuza umphakathi wangakithi eMandeni Kanye nabathandi bomculo Ka Nondindwa ngithi bafowethu ziningi izinhlelo engiza nazo wena nje beka indlebe uyodela ngeyokosa eyokuphekwa ngeke usayidla niyazi ukuthi uNondindwa udume ngezinto ezinhle ngasosonke isikhathi uhleze enezifiso ezinhle ngendawo yangakubo kanye nesizwe nje sonkana”.Kusho uNondindwa.

UNondindwa uphinde wezwakalisa ukubonga okukhulu kuMhleli we KZN Namuhla Artists Awards, umama uSheila Mhlongo.

“Ngibonga kakhulu ngokuthanda nokukhathalela into yamaciko ekubeni nawe ungathathi ntweni udela konke onakho sengathi ophezulu engakugcina akuphe amandla aphindaphindekile ukwazi ukufeza zonke izifiso nezidingo zakho.” Kusho uNondindwa.

UNondindwa ube eskhuthaza wonke amaciko angakaze angenele iKZN Namuhla Artists Awards ukuthi nawo ake azame inhlanhla.

Kwabafisa ukuxhumana naye uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana
FACEBOOK-NONDINDWA.Tik TOK-NONDINDWA EZENHLIN’BEYIPHUZA.

YOUTUBE-NONDINDWA.ONLINE STORE-NONDINDWA ISOKHALWENI INKUNZI.

NUMBER-0716447676.