Uzimisele ukukhulisa ibhizinisi owaziqalela elokuwasha amateku eMgababa

Insizwa yaseMgababa uKwanele Mnisi ongamele I We Wash with Kay Master.

NKOSIE NTOMBELA

UKwanele Mnisi wase Mgababa oqale ibhizinisi elingajwayelekile lokuwasha amateku uthi kwamusiza ukuthola umsebenzi esitolo esidayisa amateku okuyilapho kwazalwa khona iphupho lenkampani yakhe ewasha amateku I Wash with Kay Master.

Ekhuluma neNtatheli ye KZN Namuhla uKwanele unabe kabanzi ngezinto ezazivezwa amakhasimende esangumsebenzi eDrip Footwear eGalleria

“Ngiyawathanda amateki njengoba kade ngidayisa amateki abantu bakhala ngokuthi bayehluleka ukugcina amateku ehlanzekile ,Ngaqala ukucabanga ukuqala ibhizinisi lokuhlanza amateki lapho engenza ucwaningo lokuthi kungadingekani ngasengithatha lemali ebengihola ngathenga imkhiqizo yokukhuculula,ngibonga ukuthi ngibenenhlanhla bangixhasa emphakathini wangakithi eMgababa nakwamanye amalokishi kwaMakhutha ,Folweni nase Adams ilapho esengize nganabasenzi abasizayo ukuqoqa amateku azowasha alethwe langiwashela khona”

kunaba uKwane Mnisi.

Okuhlalukile lensizwa ilwenza ngothando lebhizinisi njengoba evezile ukuthi unanemkhankaso ayenzayo ephumela ezindaweni okunabantu kuzo  lekhangisa ngomsebenzi awenzayo naphinde waveza ukuthi unesifiso sokuthi azafikelele enkabeni yeTheku ukuze kufike namakhasimende akwezinye izindawo.  Khonamanjalo uthe angajabula  uma  nezitolo ezidayisa amateku bebanobudlelwano lapho amakhasimende ezoletha amateku azowawashela ukuze kuqasheke abasebenzi abaningi kakhulukazi intsha njengoba kushoda amathuba omsebenzi. Okusenhlliziyweni yakhe kukhokonke ukubona abantu besebenza bekwazi nokondla imndeni yabo.UMnu Kwanele Mnisi ubesebonga bonke abaxhase ibhizinisi lakhe wasecela babheke nemsebenzi yakhe kuzozonke izinkundla zokuxhumana: We Wash with Kay Master

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *