Ukhiphe ingoma entsha umculi waseThekwini uNolwandle Nqoko  ethi “Kungumusa”

Umculi uNolwandle Nqoko ikhiphe ingoma entsha ethi “Kungumusa”

NKOSIE NTOMBELA

Intokazi esencane uNolwandle Nqoko ogabe ngezwi elimtoti ngomhlaka 20 October 2023 yethule ngokusemthethweni ingoma entsha ethi “Kungumusa”

uNolwandle Nqoko uqhamuka emndenini wamaciko okubalwa kuwo oBheki Nqoko oyisihlabani kwindima yezomculo.Ukuqale ukucula esemabangeni aphansi eyingxenye yekhwaya yesikole ehamba phambili njengomculi.

Lomculi oneminyaka engu 15 osefike nohlobo lomculo ongaphezu kweminyaka yakhe ubukeka enekusasa eliqhakazile.

Ngokusho kwabe Kuwe Records okuyinkampani akhiphe ngaphansi kwayo uNolwande Nqoko ithe “ngaphandle kokuthi lomculi uyisibani sekusasa kodwa okubalulekile leculo lizovuselela ithemba liphinde likhuthaze abantu ukuthi bazi noma bebhekana naziphi izimo kodwa “Kungumusa” bazodlula kuzo umdali uzobanabo.”

Ngemininingwane noma ngokuqasha nazi izindlela zokuxhumana noNolwandle Nqoko :-

www.kuwerecords.co.za

27 61 525 6679

artistsbookings@kuwerecords.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *