Kukhuthazwe abazali ukuthi bangenqeniukuveza obala izingane zabo ezikhubazekile

SHEILA MHLONGO
Abazali bakhuthazwe ukuthi bangenqeni ukuveza obala izingane zabo ezikhubazekile ukuze
zaziwe futhi nomphakathi uzijwayele ukuze zingazizwa zicwasekile futhi zehlukanisiwe
nabanye abantu. Lokhu kushiwo uNksz. Safurra Khan,ngesikhathi kusingethwe isigcawu
sezinkulumo zokubonisana phakathi kwabantu abakhubazekile, amalunga omphakathi kaye
nabezinhlangano ezizimele, ePlayhouse ngoMgqibelo womhlaka 18 Novemba 2023.
Lesigcawu sezinkulumo zokubonisana besihambisana nesikhathi sokuqwashisa
ngamalungelo abantu abakhubazekile (Disability Rights Awareness Month) eba khona
minyaka yonke kusukela ngomhlaka 3 Novemba kuze kube umhlaka 3 Disemba
nokuyisikhathi sokuthi kugudluzwe izithiyo ezihlukanisa abantu abakhubazekile
nomphakathi wonkana kuphinde kwenziwe ngcono izimpilo zabo.
Lesigcawu sokubonisana besihanjelwe abantu abanegalelo lokwenza ngcono izimpilo
zabantu abakhubazekile abafana noMnu Babsy Mlangeni ongumculi osemkatshubomvu
nodumile kusukela ngeminyaka yama 80,uMlangeni uyimpumputhe aphinde abe umsunguli
weBabsy Mlangeni Foundation okuyinhlangano esiza ukuthuthukisa umphakathi
okhubazekile aphinde ahambele ezikoleni eqhuba umkhankaso obizwa ngokuthi ‘I Can’

lapho esuke ekhuthaza khona izingane ezikhubazekile ukuze zingaziboni zingelutho
emphakathini.
UMnu Musa E. Zulu okhubazekile ohamba ngesihlalo esinamasondo odume ngokuba
umbhali wezincwadi kanye nomethuli wezinkulumo ezakhayo uyena obephethe uhlelo,
ukhulume kakhulu ngokuthi abantu abakhubazekile akumele bazidabukele noma belokhu
bekhala kodwa nabo kukhona abangakwazi ukukwenza yize bekhubazekile ngaphandle
kokulokhu bebheke ukubonelelwa uhulumeni.
UNksz Safurra Khan ongowesifazane oyimpumputhe kodwa eyisishoshovu sokulwela
amalungelo abantu abakhubazekile, Usebenza ngaphansi kwenhlangano iSouth African
National Zakáh Fund (Sanzaf),eyenza umsebenzi wokubhekela inhlalakahle yabantu
abakhubazekile ezinze ePheonix.
Ethula inkulumo yakhe yokukhuthaza abazali uNksz. Khan uthe kubalulekile ukuthi abazali
baziveze obala izingane zabo bangabi namahloni futhi bazihambise ezikoleni lapho
ziyokwazi ukunakekelwa khona ngokwezidingo zazo, ukuze zifunde gendlela ehambisana
nesimo sazo ngoba imfundo ibalulekile.
Omunye wezikhulumi kube, uMnu Thabani Mazibuko wenhlangano eyaziwa ngokuthi ‘We
Can’ ethuthukisa ithalente lamaCiko akhubazekile, aphinde abe umhleli womcimbi owaziwa
ngokuthi ‘We Can Arts Festival’ eba minyaka yonke lapho kudidiyelwa ithalente labaculi
abakhubazekile behlanganiswe nezihlabani esezimkatshubomvu kwezomculo.
UMnu Thabani Mazibuko ukhuthaze abantu ukuthi kumele bashintshe indlela abacabanga
ngayo mayelana nabantu abakhubazekile ngoba nabo bayakwazi ukuba nethalente
kwezobuCiko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *