SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku usingathe iAnti Crime and Social Cohesion Summit okuyingqungquthela ebibanjelwe eDurban ICC ngoLwesibili lomhla ka-28 Novemba, nobekuhloswe ngayo ukudingida amasu okulwa nobugebengu.
Ngokodaba olucashunwe ekhasini leFacebook yoMkhandlu weTheku lubikwa ukuthi kuyo lengqungquthela kuphinde kwadingidwa namasu okudala amathuba emsebenzi kanye nokukhuthaza ubumbano emphakathini ngokwehlukana kwayo.
Khona manjalo iMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda uthe kuningi osekwenziwe kodwa futhi kusekuningi nokusamele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi iTheku lihlale lihamba phambili kwezokuvakasha nokuphepha.

