UThathabantu Lushaba (18) ongumculi kaMaskandi, odabuka oPhongolo olumanzi abomvu okulapho etholakala khona namanje.
Uqale esemncane kakhulu engazi lutho kodwa manje uthi “sengize ngakhula ngazibona ukuthi ngine thalente kanti nabantu sebebonile futhi bangivumile ukuthi nginesphiwo ngendlela eyismanga.
Uyatholakala ku YouTube umsebenzi wami engike ngawukhipha, okwamanje bengisaqopha ezi studio ezisezingeni eliphansi,ingakho ngibuye ngesabe ukuthi nginomsebenzi enginawo,ngoba uma uqopha kwizi studio eziphansi nomsebenzi wakho uba sezingeni eliphansi noma ngabe unaso isiphiwo ngenxa yabonjiniya abangenaso isiphiwo nemishini abayisebenzisayo engesiyo iquality ukukhipha ingoma emnandi ugcine ukhipha ingoma ebandayo ngiyathanda khona ukuthi abantu bebone indlela engisishaya ngayo isinginci nangendlela engiphinde ngicule ngayo…ngike ngadlala ingoma ka Mthandeni ethi iParis eyajabulisa abaningi kakhulu yaze yapostwa inqwaba yosodumile ezinkundleni zabo zokuxhumana engingeke ngabadalula ngamagama.. abafise ukubona ikhono lami bengavakashela kule YouTube Channel ethi Thathabantu Pharks ilapho khona okuzotholakala umsebenzi wami ngobuningi bawo nakho konke engikwenzayo
Okusha engifisa kwaziwe ngami ukuthi ngibe umculi kaMaskandi wokuqala eNingizimu Afrika ukusebenza nembongi ebizwa ngo Pharks…angikhulumeli ngoku pikana engomeni thizeni esuke ikhishwa kodwa lento ifana njenge colleboration…sibambisene nje sino mfwethu lento yokuhlangana nembongi yenza ubuciko bethu bube namandla nohlonze
Ngicela ukuthi noma ubani ongangisiza ngikwazi ukuqopha eStudio esisezingeni ukuze umculo wami uzoba nesigqi,abantu bakuthandile ukufika kwami endimeni kodwa kanginawo amandla okuyoqopha umsebenzi eStudio esikahle…ngifise ukulekelelwa ngalokho futhi ngifise ukuthi umculo wami utholakale online bese abahlela imicimbi bayangimema nami
Abantu bengavakasha ku YouTube channel Yami ethi Thathabantu Pharks lapho khona bazobona indlela enginekhono ngayo bese labo abangakwazi ukungisiza ngokuqopha bengisize
Ku Facebook ngingu- Thathabantu/SA
WhatsApp-060 657 0846
YouTube-Thathabantu Pharks ,Tik Tok-Thathabantu Pharks

