ENingizimu Afrika, izinkulungwane zoFakazi bakaJehova ziye zafunda isiXhosa ukuze zizoxoxa nabaningi abangathanda ukuzwa umyalezo onikeza ithemba. Lomkhankaso okhethekile uzobe usesifundazweni sase-Eastern Cape, uzoqala ngoJanuwari 29 kuya kuMashi 11, 2024.
Esinye isazi sasendulo uRoger Bacon wake wathi, “Ulwazi lwezilimi, umnyango oholela ekuhlakanipheni.” Phakathi neminyaka edlule, oFakazi bakaJehova baye bagxila ekunyuseni isibalo sezilimi abazisebenzisayo lapho bexoxa nabangane nomakhelwano babo.
Ephawula ngenani labantu abazothatha loluhambo oluya e-Eastern Cape, umkhulumeli kazwelonke woFakazi bakaJehova, uMzamo Goloda uthe, “Silindele abantu abasondela ku-10 000 abavela ezindaweni ezihlukahlukene zezwe, ukuthi babe yingxenye yalomkhankaso ozothatha amaviki ayisithupha. Abaningi kubo bebelokhu befunda isiXhosa futhi bakubheke ngabomvu ukuya khona.” Uphinde wathi, “Sikholelwa ngokujulile ukuthi ukuze ingxoxo yakho nabanye abantu ihambe kahle, kumele ukhulume nabo ngolimi abaluncela ebeleni.”
Le nhlangano ine-website ehunyushwe kunazo zonke emhlabeni. Manje i-website yabo engokomthetho i-jw.org, isihunyushelwe ezilimini ezingaphezu kuka-1080. Okuphawulekayo ngalengosi, ukuthi zonke lezi zilimi zidlulisela umyalezo ofanayo emhlabeni wonke.
Ngo-2011, le nhlangano yavula ngokusemthethweni ihhovisi lokuhumusha lokuqala ngqa eNingizimu Afrika, elise-East London, abalisebenzisela ukuhumusha umsebenzi wesiXhosa. Manje oFakazi bakaJehova sebenamahhovisi okuhumusha angu-11 eNingizimu Afrika, ahumusha lezi zilimu ezilandelayo ezingokomthetho: KwaZulu-Natal- isiZulu ne-South African Sign Language; e-Eastern Cape- isiXhosa; eWestern Cape- i-Afrikaans; eNorth West- i-Setswana; eFree State- i-Sesotho; eMpumalanga- i-Sepulana nesiNdebele; eLimpopo- i-Sepedi, isiTsonga nesiVenda.
Amaqiniso ngoFakazi:
- Lapho uba nesifundo sebhayibheli noFakazi bakaJehova awuzibophezeli futhi simahhala.
- Incwadi eyinhloko yalesi Sifundo iBhayibheli.
- Isifundo ngasinye sihlelelwe ukuvumelana nezimo zawo wonke umuntu.
- ENingizimu Afrika bangaphezu kuka-100 000 oFakazi bakaJehova.
- Esifundazweni sase-Eastern Cape bangaphezu kuka-9000 oFakazi.

