USizwe Zungu ongumsakazi we-Ikhwezi Radio aphinde abe umbhali wezincwadi uthi ufisa ukushiya umlando wokuba ingqalabutho

SHEILA MHLONGO

USizwe A. Zungu uzalelwe laphaya endaweni yaseMaduladula eNquthu, nalapho athola khona ukuzicija ngolimi lwesiZulu kanjalo nokuthanda umsakazo, kusuka ekukhuleni kwakhe wayehlalela ukulalela umsakazo nokufunda izincwadi. Ekhula vele eMaduladula nalapho afunda esikoleni samabanga aphansi iMaduladula Primary School wabe esedlulela emabangeni aphakame nalapho kwanda uthando lokuba umsakazi kanjalo nelokugxila emkhakheni wobuntatheli. Emva kokufunda aqede isikole wabe esegxila emkhakheni wezokupheka wenza nezifundo zokupheka, Professional Chef wasebenza ezindaweni zokudla, kodwa uthando lomsakazo lwamubiza wasebenzela umsakazo iLekoa FM ezinze eGoli efunda izindaba njalo ngeMigqibelo, nalapho okwathi uma kubheduka isifo se-covid 19 ngo 2019 wabuyela ekhaya.

Ngo-2020 wajoyina umsakazo waseNewcastle wasebenza cishe iminyaka emihlanu nalapho eze wajoyina umsakazo omkhulukazi kwaZulu Natal umsakazo i-Radio Khwezi, namanje wenza uhlelo lwantambama i-Drive 15h00 – 17h00 njalo ngeMsombuluko kuya ngoLwesihlanu, lapho ethola ithuba lokudidiyela aphinde ashayele uhlelo oluxube imagazine, ingxoxo nomculo. OkaZungu uthi uthando olukhulu analo olwezinhlelo ezixube izingxoxo lapho ethola khona ithuba lokubuza abantu nezihambeli imibuzo enqala neyenza umlaleli abone izinhla zonke zezinkulumo.

UZungu ngaphandle kohlelo lwantambama uphinde enze uhlelo vele olumenza angalali ngenxa yothando lwezinhlelo zokukhuluma nezidingida ngazinto ezinqala, uhlelo iSakha Isizwe olungena ngeMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo 19h00 – 20h00. UZungu uthi kuningi asafisa ukukwenza emsakazweni nathi njengoba umsakazo ukhula usuku nosuku nje ufisa ukushiya umaka emsakazweni, naye abalwe nezingqalabutho zomsakazo.

UZungu uyazifela ngezincwadi njengoba engumbhali wezincwadi zesiZulu, ukufunda kanjalo nama documentaries yikhona okwenza uSizwe ahalele ukucubungula ngezinhlelo ezingacijisa umlaleli. Ungalela umsakazo iKhwezi FM online https://khwezi.org.za/khwezi-listen-live kanjalo naku 90.5 – 107.7 FM

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *