ITHEKU lenza um- khankaso wokufundisa nokuqwashisa abantu ngamanzi amoshekayo engakafiki kumakha-
simende, lokhu likwenza ngokubambisana noMn- geni-uThukela, ukugqugq- uzela umphakathi ukuthi wonge amanzi.
Amanzi akhiqizwayo angayingenisi inzuzo, ngamanzi ahlanzekile aphelela endleleni ohlelweni lokusabalaliswa kwamanzi kodwa angafinyeleli lapho eya khona. Lokhu kusho amanzi angasetshenziswa noma angakhokhelwa. Lokhu kulimaza imali engenayo yeTheku nezinsiza ezikhona.
UMasipala weTheku ubhekene nenselelo yomhlaba wonke yokushoda kwamanzi
futhi ubhekene
nokuncipha kwemithombo yamanzi engakwazi ukuhlangabezana nezidingo zamanje.
Njengamanje, uMasipala ubhekene namazinga aphezulu amanzi amoshekayo angangenisi nzuzo okungamaphesenti awu- 56.7. Lokhu kubangelwa
ukuguga nokucekelwa phansi kwengqalasizinda nokuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho. Lokhu kubangela ukuthi amanzi angabiwa ngokulinganayo phakathi kwezakhamizi.
ITheku linxusa umphakathi ukuthi usebenzise amanzi ngokuwonga ukugwema isomiso esikhathini esizayo. Umphakathi uyakhuthazwa ukuthi ubike amapayiI avuzayo kusenesikhathi futhi ubike noma yikuphi ukucekelwa phansi kwempahla nokuxhuma ngokungemthetho.
UMasipala usuhlanganise ithimba elizokwakha uhlelo bese liqalisa izindlela zokungenelela ukuze kuncishiswe ukumosheka kamanzi. Izinyathelo zokulungisa zihlanganisa ukushintshwa kwamapayipi, ukufakwa kwama-valve anciphisa umfutho, ukufaka amamitha azolawula ukungena nokuphuma kwamanzi, nokufakwa kwamamitha emijondolo. Seziqalile ezinye zalezi zinhlelo ukusebenza futhi kubonakala kuthela izithelo ezinhle.
siphelelebuthelezi@durban.gov.za
UMasipala unxusa umphakathi ukuba ubike amanzi avuzayo ngokushesha ukuze songe amanzi.