Umbiko uqoqwe:uNomthandazo Magoso- pic
Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla likhulume nabantu abakhubazekile ngokungaboni emehlweni ukuzwa uvo labo mayelana nokuthi bazizwa kanjani emva kokuvota ngoLwesithathu lomhlaka 29 May.

UZama Ngwenya – okhubazeke emehlweni uvote eThekwini e-Albert Park ku ward 32, Uthi yebo uvotile kodwa akazange ajabule ngoba abe IEC abayigcini imigomo yokunakekela abantu abakhubazekile ebizwa nge UBT esiza abantu abangaboni emehlweni. Uthi uphatheke kabi ngoba bamnqabele ukuthi angene nomuntu wakhe okunguyena obezomsiza ukuthi enze ivoti lokhu akubona njengokuhlukunyezwa kwelungelo lakhe njengoba ekhubazekile.

UThandazile Zungu- uhlala eThekwini, uthi uvote kahle kakhulu ku ward 35 e-Albert Park, uthi akukho okumphathe kabi konke kuhambe kahle kakhulu. Kanti okumjabulisayo ukuthi ukwazile ukuvotela iqembu alithandayo nathemba ukuthi lizomlethela ushintsho.

UVumile Magagula – uhlala eThekwini uthi nakuba evote kahle njengomuntu ongaboni emehlweni kodwa okumphathe kabi ukuthi ivoti lakhe alibanga imfihlo ngoba abe-IEC bambuze kuzwa wonke umuntu ukuthi ufuna ukuvotela liphi iqembu. Kodwa nokho uthi uyajabula ngoba uvotele iqembu alithandayo nalethembayo.

UPuseletso Petric- Uthi uzizwa ejabule ngokuthi ekwazile ukuvota nakuba kubuye kwashintsha isystem. Okungamphathanga kahle abe IEC abazange bayigcine imigomo ye UBT. Lokhu okwenza ukuthi umuntu ogaboni emehlweni agcine esedalula ivoti lakhe kuzwa nabanye abantu, okuyinto eyenza ivoti ligcine lingeyona imfihlo.

UMinathi Gama – Uyajabula ukuthi uvotile ngohlelo lwe Special vote ngoMsombuluko owedlule, kodwa okuqale kwamphatha kabi abe IEC bebengayiphethe I-UBT, kodwa yena wanqaba wathi abayilande, okugcine ngokuthi avote emva kokuthi sebeyilande.

UMfanafuthi Bhengu- Ukhetho belumnandi kunomoya omuhle nokuthula uthi uyabonga ukuthi kuvoteke kahle kakhulu, siyabonga, siyancocoza ngisho nabefundisi imbala bancome umoya omuhle, obuvunguza, siyabadabukela labo abangavotanga bahlala ezindlini, bangaya kovotela uhulumeni ozobalethela ushintsho.

UThokozani Nkonyeni, ongaboni emehlweni– uhlala eThekwini, uthi uhambile nabangani bakhe bayovota, konke kuhambe kahle kakhulu. Siyabonga umphakathi uziphathe kahle wonke, namaqembu abehleli ndawonye ecula kukuhle. Sethembe ukuthi nasemva kokhetho kuzohamba kahle.

