
Kuhamba kahle kakhulu ukuvotelwa kwamaCiko angenele umncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards 2024. UMhleli wephephandaba, uNksz Sheila Mhlongo, uthi kuyamthokozisa kakhulu ukubona isasasa lamaCiko angenele lomncintiswano njengoba kulokhu awugcinanga nje ngokuheha amaCiko aKwaZulu-Natali kuphela kodwa ngisho namaCiko ako Eastern Cape, Gauteng kanye nase Lesotho imbala nawo awasalanga ngaphandle
Eqhuba uMhleli uthi,ufisa ukukhuthaza wonke amaCiko asenzelwe amaPoster ukuthi awaqale ukunxenxa amavoti ukuze kuthi kushaya usuku lokuvala ukubhalisa abe esevele wona ehamba phambili ngamavoti. Kanti nokubhaliswa kwamanye amaCiko nakho kuyaqhubeka kahle kakhulu . Kulonyaka amaCiko awaqokwa kodwa ayamenywa bese enikezwa ifomu okumele ayigcwalise imininingwane yawo, bese ezikhethela umkhakha afuna ukungenela ngaphansi kwawo.
Wonke amaCiko asebhalisile maqede akhokha nemali engu R250 enzelwa amaPoster awo ukuze aphuthume aqale umkhankaso wawo wokunxenxa amavoti ukuze kuthi kufika isikhathi sokuvalwa kokuvota okungumhlaka 15 Agasti 2024, iCiko libe selinamavoti amaningi angakwazi ukulizuzisa umklomelo kakheshi ngaphezu kweNdodo (trophy) noma isitifikethi.
Lomncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards uqale eminyakeni emibili edlule kusukela ngonyaka ka 2024. Lapho bekuqalwa ngokuqokwa kwamaCiko bese kulandele ukuvotelwa kwawo amaCiko ngeSMS. Nokho kulokhu izinto zithe ukwehluka ngoba amaCiko awaqokwa kodwa ajoyina ngo R250 ohambisana nemininingwane yeCiko kanye nomkhakha iCiko elingena ngaphansi kwawo okungaba owodwa noma ngaphezulu.
Uma iCiko seligcwalisile ifomu maqede lakhokha imali engu R250 wokujoyina lithumela ifomu nesithombe salo esicacile ukuze lenzelwe iPoster enemininingwane yokuvotelwa ngemali engu R2 ivoti ngalinye.

