OWAMI THABETHE
UMasipala weTheku uvuselele uhlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP) olukhungethwe yizinkinga, olusiza izinkulungwane zabantu abafuna umsebenzi kuleli dolobha njengoba izinga lokuntuleka kwemisebenzi likhungethe izwe lonke.
Esithangamini nabezindaba, iMeya yeTheku uCyril Xaba uveze ukuthi uyajabula ngoba uMkhandlu ugcine ukwazile ukuvuselela lolu hlelo.
Lokhu kuza ngemuva kwezinyanga idolobha lithe lizosungula iqhinga lokuvuselela lolu hlelo ngemuva kokumemezela ukuthi selizolukhipha lolu hlelo ngoJulayi ngenxa yokushoda kwezimali koMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi.
Isabelomali saloluhlelo sehliswe kakhulu ngemali engaphezu kuka-R42 million safinyelela ku-R18m.
Ememezela lesi sinqumo uXaba uthe: “Kubalulekile ukuveza ukuthi ngaphandle kwesabelomali esehliswe nguMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ngemali engaphezu kuka-R42m, lolu hlelo luphambukile ezinhlosweni nemibandela yalo yenqubomgomo.
Njengoba siqala umkhankaso omusha wokuqasha kule nyanga, sizosebenzisa leli thuba ukwenza lolu hlelo lube impumelelo.”
Ukuncishiswa kwesabelomali kuzoholela ekwehleni kwesibalo sabantu abangenela lolu hlelo phambilini obelunabasebenzi abangu-4000, kepha iMeya iveza ukuthi okwamanje bazokwazi ukuqasha abantu abangu-1 276.
Ngokuhambisana nenqubomgomo kahulumeni yeminyaka yokuqasha, abafake izicelo kufanele babe phakathi kweminyaka eyi-18 nengu-35.
“Sifuna ukuqinisekisa abantu baseThekwini ukuthi sizoqhubeka nokubheka izindlela ezintsha zokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo lufeza inhloso yalo yokuhlomisa abantu abasha ngamakhono ahambisana nemakethe yemisebenzi,” kuphetha uXaba.