Uthembisa ezibukwayo uNqaba Khumalo kwi EP yakhe ezophuma

OWAMI THABETHE

Owaziwa ngelika Nqaba Khumalo  wase Lower Molweni ungumculi we Gospel,aphinde abe ngu Producer no njinyela we sound,ophinde abe ngumphathi we N.Q ezinze e Pinetown.

Endimeni yomculo usesebenze nabaculi be Gospel abaningi okubalwa u Babo Ngcobo, Andile Mbili, Sipho Mbhele,Lindani Gumede kanye nabanye abaningi.

UKhumalo okwamanje ugxile ekusebenzeni kanye nenkampani okuthiwa Izwi ezincane Communications, akholelwa ukuthi izowufukula umsebenzi wakhe. Njengamanje umatasa ngokukhipha I EP eqondene naye futhi uma yenze kahle, nabantu bayithakasela uzobe esekhipha I Album ephelele ngonyaka ozayo.

  1. EP kulindeleke iphume kulenyanga njengoba kuwu Disemba. Usebenze kuyo  noNjinyela base Thekwini esibala kubo u Lwazi Mngomezulu, Lindani Gumede, Mdu Ndlovu kanye no Musa Skhosana.
  1. EP izophuma nezingoma ezingu-6, isihloko sayo sithi “Ngizwe ngento ethi Gqi!” futhi izotholakala kuzozonke izitolo zomculo ezi online. Ube esenxenxa abahlali base Ningizimu Afrika ukube bamuseke mase uphumile umsebenzi wakhe,bawuthenge bawunike ithuba bawulalele.

Uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana nakwi nombolo yocingo.

Cell number 076 254 0641 / 078 398 7430

nqabanxumalo25@gmail.com

Facebook Page  : Nqaba Nxumalo Music

Personal Account: Nqaba Nxumalo

Tiktok : NqabaNxumalo 25

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *