SHEILA MHLONGO
UMengameli Cyril Ramaphosa utshele iPhalamende mayelana nokubaluleka kokuvakasha kwakhe okusemthethweni e-United States. Uthe lolu hambo belubalulekile ngoba iMelika ibamba iqhaza elikhulu emnothweni waseNingizimu Afrika.
Uthe inhloso enkulu bekuwukulungisa ubudlelwano phakathi kwamazwe womabili, ikakhulukazi kwezomnotho kanye nokukhuthaza utshalomali lwamabhizinisi aseMelika eNingizimu Afrika, njengoba imisebenzi eminingi ikhona ngenxa yobudlelwane obuphakathi kweNingizimu Afrika ne-US. UMengameli uphinde wagcizelela ukuthi ubudlelwano obubi bungalimaza imikhakha efana neyezolimo, izimoto, insimbi, namaminerali abalulekile athunyelwa eMelika.
Uphinde wathi bakwazile ukuvuselela ukuxhumana okuhle nohulumeni wase-US, kwaphinde kwavulwa izingxoxo ezihlobene nezintela notshalomali. UMengameli uthe futhi le ngxoxo izoqhubeka ngaphansi kwenqubo yeG20, lapho uMengameli wase-US ecelwe khona ukuba ahambele umhlangano wokugcina wonyaka– SAnews.gov.za

