Zukiswa Mthanti
UMnyango wezempilo ukhiphe isitatimende uphika izinsolo ezibhekiswe kulowo owabe enguNgqongqoshe wezempilo uNomagugu Simelane Mngadi ngokuxhoshwa kuka Jacinta Ngobese owabe engumsakazi weVuma FM.
Kubikwa ukuthi uJacinta uveze ukuphela kwesivumelwano ne VumaFm ngaphandle kwesizathu esizwakalayo.
Okuveza ukuthi iVuma Fm ithole isikhonondo kumlaleli ngesenzo sika Jacinta sokudidiyela umkhankaso iMarch in March ekulwiseni abokufika ngokungemthetho kuleli ekutholeni ezinsiza kwezempilo zikahukumeni. Loko okudale ukuthi amanxusa eMarch in March akhankase aze avale amasango omtholampilo i–Addington okuphazamiseke nokusebenza komtholampilo.
“UMnyango wezempilo awunayo imvume negunya ezindabeni zokuqasha noma eyiphi inhlangano yabezindaba noma inkampani ngaphandle kwamandla ethu.
Lokhu okubhebhethekayo okubandakanya uMnyango wezeMpilo izinguquko kumzasazo owaziwa nge Vuma Fm ekuqasheni kwabo kungaphezu kwethu futhi akusibandakanyi. Sinxusa abezindaba nomphakathi ukuba ugweme ukukhuluma nokubhebhethekisa izinsolo ekungezona ngoba kugcina kuphelele kwimigudu yezemithetho.”kusho umbiko ophuma kwezeMpilo.
UMnyango wezempilo ulandise ngokuthi abokufika ngokungemthetho kuleli kumele kuvunyelwe balashwe noma bathole usizo kwezempilo ngemali yabakhokhi bentela, mahhala noma zikuleli ngokungemthetho, okuyilokho inhlangano ya Jacinta elwisana nakho.

