I-Durban Tourism iqhakambise UShaka Marine World kwezokuvakasha

ZAMA MAJOLA

NgoLwesithathu lo mhlaka-23 Julayi i-UShaka Marine World yamukele abantu abangaphezu kuka-40 kanye nabezindaba ngenhloso yokukhombisa ukuzibophezela kwe-marine park kwezokuzijabulisa ezisezingeni lomhlaba, ukongiwa kwemvelo, imfundo kanye nokuxhumana nomphakathi. Kulolu hambo, abamele imithombo yezindaba ehlukene bathole ithuba lokuzibonela izinto ezahlukene ezihehayo  e-UShaka.

Lolu hambo luphinde lwagqamisa imizamo yokulondoloza imvelo yaseShaka Marine World kanye nokufundisa abantu ngakho konke okungaphakathi kule paki. I-UShaka Marine World iyipaki yasolwandle ehamba phambili etholakala eThekwini eGolden Mile. Leli paki liyikhaya lezinhlobonhlobo zezilwane zasolwandle, okuhlanganisa oshaka, amahlengethwa, nezimfudu zasolwandle.

Isikhulu esiphezulu e-UShaka Marine World, uNdabo Khoza, uthe bajabule kakhulu ngokuvakashelwa imithombo yezindaba ukuze baxoxe ngothando kanye nentshisekelo yabo ekunakekeleni leli paki. “Sikholelwa ukuthi ngokusebenzisana nabalingani bethu bemithombo yezindaba, singagqugquzela uthando lolwandle nezakhamuzi zalo esizukulwaneni esisha sabalondolozi bemvelo, endaweni eheha izivakashi kakhulu eThekwini.”

I-Durban Tourism yazise abamele abezindaba mayelana nezinhlelo zabo zokuvuselela ezokuvakasha ngokusebenzisa amaKomidi aSebenzayo kaMongameli weTheku, baphinde baqhakambisa ukubaluleka kokuhlela kabusha umlando wezokuvakasha waseThekwini okuhloswe ngawo ukuheha izivakashi eziningi kanye nokuveza okuqukethwe iDolobha okuyingqayizivele nokuthokozisayo. IMenenja yezokuVakasha eThekwini, uZimasa Dlamini idlulise ukuthi i-Durban Tourism ibona i-UShaka Marine World njengenye yezindawo zokuvakasha ezihamba phambili eThekwini futhi yeseka ngokugcwele ukuthuthukiswa kwayo okuqhubekayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *