Iqembu le-MK lifuna uRamaphosa ehle ngokushesha esikhundleni

ZAMA MAJOLA

Iqembu le-MK liphakamise ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ehle esikhundleni ngokushesha. Lokhu kuza ngemuva kwezinsolo zikaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMnu. Nhlanhla Mkhwanazi ezithinta uMnu. Senzo Mchunu kanye nezinyathelo ezibe sezithathwa uMengameli uRamaphosa emva kwazo lezo zinsolo.

Iqembu le-MK likhala ngokuthi izinyathelo ezithathwe uMengameli Ramaphosa akuzona ezomholi oqotho kodwa ezomuntu obuvuna ngayo yonke indlela ubugebengu. Abalandeli beqembu le-MK bamashele e-Union Buildings ekomkhulu leSouth African Police Service enhlokodolobha beyohambisa imemorandamu equkethe izimfuno zabo. Umhleli  kaZwelonke weqembu le-MK uJoe Ndlela ufunde imemorandamu, enikeza uhulumeni izinsuku ezingu-14 ukuphendula izimfuno zeqembu. “Izimfuno zethu zimi kanje, sifuna uMengameli Cyril Ramaphosa ehle esikhundleni ngokushesha, kuboshwe ngokushesha labo abathintekayo ezinsolweni ezenziwa uKhomishana wamaphoyisa eKZN, uMnu. Nhlanhla Mkhwanazi, sifuna noMnu. Senzo Mchunu axoshwe ngokushesha.” usho kanje.

Imemorandamu yamukelwa nguLt General Samo Chamane, egameni likaKhomishana wamaphoyisa kaZwelonke uFannie Masemola.  Okhulumela iqembu le-MK uNhlamulo Ndlela uthe uRamaphosa akafanelekile ukuhola isizwe ngakho kufanele enze okuhloniphekile asule ngokushesha.  “I-ANC kaCyril Ramaphosa isiphendule i-ANC ka-Oliver Tambo umgadli ocindezela abantu abamnyama ekubeni yasungulwa ukuze ibakhulule.” usho kanje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *