Lizoqhubeka nokusebenza ikhadi lakwaSASSA nangemuva kwenyanga kaDisemba

AbePostbank sebekhiphe isimemezelo sokuthi lisazoqhubeka lisebenze ikhadi eliGold lakwa South African Social Security Agency (SASSA) ngisho nango Disemba kuze kweqele ngalena kwawo . Lokhu okusho ukuthi abahlomula izibonelelo zikahulumeni bayokwazi ukulisebenzisa ngaphandle kwenkinga. Izindaba ezinhle ezokuthi abantu angeke badinge ukuthi balishintshe.

Continue reading

Kuhlomule osomabhizinisi abancane baKwaDabeka ngezitifiketi kowokocobelelana ngolwazi

Bahlomule lukhulu abahwebi basendaweni yaKwaDabeka ngesikhathi kunomhlangano wokucobelelana ngolwazi obumayelana nenhlanzeko yokudla nokuphepha obuholwa wuMasipala weTheku. Inhloso yalo mhlangano bekuwukuqinisekisa ukuthi imithetho yebhizinisi ebalulekile iyathotshelwa. Bangaphezu kuka-30 abanikazi bamabhizinisi, okuhlanganisa abawasha izimoto, abanikazi bama-tuckshop, nabaphakayo, abebehambele lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi.

Continue reading