EZOMPHAKATHI ZIXOXWA NGEZITHOMBE

INomagugu Production inikele ngezicathulo zesikole

Ngomhlaka 12 August 2023 Nomagugu Productions ezinze eLovu kade inikeza izingane izicathulo 88 pair kwakuthathwe ezikoleni eziku ward 109 ophethwe ikhansela Menzi Manqele nokuyigxenye yokubuyisela emphakathini. Nomagugu Productions iyinhlangano engenzi nzuzo esiza kakhulu umphakathi ngezinto eziningi. Yenza soup kitchen for izingane ezingathathi ntweni. Ngezikhathi zizikhukhula yayiseMgababa iyosiza labo babethintekile kuzo behlala garage sasibaphathele ukudla nezimpahla zokugqoka. Igqugquzela ukufunda nokubhala futhi iyashicilele (publishing). Ngokunikela kwethu emphakathini sicela noma ngubani ongakwazi ukufaka isandla asilekelele kungaba imali, ukudla, izingubo kanye nama computer ngoba sifundisa ukubhala ngawo nangenhloso yokuhlomisa intsha yakithi ngezobuchwepheshe

Continue reading

Kwethulwe inkundla yokudlala esikoleni samabanga aphansi INkonkoni eMlazi

Ngasekuqaleni kwalo nyaka kwathulwa umkhankaso we-SASKO Siyasizana womphakathi, ‘Dlala Kangcono’ okuhloswe ngawo ukubuyisela kanye nokwenza ngcono izinkundla zokudlala eziyi-1000 eNingizimu Afrika yonke ngo-2023. Ngamandla omdlalo omuhle, lo mkhankaso ugxile ekukhuleni kwengane kanye neqembu lesigaba sesisekelo. izingane ezinomlayezo oqinile wokulwa nobuxhwanguxhwangu ngokukhuthaza Ukudlala Okusebenzayo Nokuhle.

Continue reading

Kuboshwe abenza utshwala obungekhoemthethweni eWestmead Kwa Zulu Natal.

NKOSIE NTOMBELA

Iningizimu Africa ibhekene nengwadla yokungakhuli komnotho lokhu okunye okudala kungakhuli komnotho ukwanda kobugebengu nokwenza utshwala bomgunyathi.
Amaphoyisa asePinetown Saps kanye nabophiko lwe eThekwini District Trio Task Team agasele kumuzi mumbe ohlonzwe njengendawo ekukhiqizwa kuyo ugologo owumbombayi eWestmead afike abopha amadoda amathathu aficwe notshwala obungamakhulu amane ezinkulungwane (R400,000).Ezintweni ezificwe kulemboni mbumbulu amakhadibhothi othswala,amabhodlela,imiphongolo kanye nezimpahla zezinye izinkampani ezisetshenziswa makwenziwa utshwala ngokubika kwamaphoyisa a Kwa Zulu Natal kwistatimende esikhishwe emva kokuboshwa kwalabasolwa abaficwe bukhoma abakasidlodlo.
Abasolwa bazovela kafushane eNkantolo yase Pinetown bezobhekana namacala abathweswe wona abomthetho.

Continue reading

Isthombe: Intambo esinqanyulwe kabili endaweni yase Ilfracombe

NKOSIE NTOMBELA

Ukunqamuka kukagesi ngenxa yokuwonga okuwuhlelo lwa Eskom olubizwa nge “loadshedding ” sekuvule nethuba lezigilamkhuba eMgababa.

Izigceme eziphazamisekile ukwebiwa kwesiphehlimandla I Ifracombe ,Area One,Area 38 Kanye ne Ultra City SouthBound kuze kuyoshaya Karridene okuyizindawo esekuyizinsuku ezisihlanu zicimelwe ugesi ngenxa yokumbiwa kwentambo ephakela lomphakathi

Continue reading