Kungani Imfundo Ephakeme eNingizimu Afrika yehluleka ukulungiselela ikusasa lentsha ukuze ithole imisebenzi?

Kulesikhathi lapho izimo zomnotho ezingeni lomhlaba ziya ngokushintsha kanye nomphakathi othuthukayo ngolwazi, imfundo iya ngokubaluleka kakhulu. Ngakho ukuthuthukisa abasebenzi ngolwazi kanye nangamakhona kunesidingo esikhulu ukuze izimboni zikwazi ukuncintisana kwezomnotho ezingeni likazwelonke. Lokhu osekudale ukuthi iningi lohulumeni lifake ingcindezi ezikhungweni zemfundo ukuze zikhiqize abafundi abayokwazi ukuqasheka ngenxa yolwazi abanalo. Emhlabeni wonke izimakethe zisesikhathini esiguqukayo. Kati neNingizimu Afrika  ayisalanga ngaphandle kulesisimo esishintshay

Continue reading

Usizi isiphepho sikhahlameza abantu eNanda

IMeya yeTheku, uMxolisi Kaunda, uNdunankulu waseKZN uNomusa Dube-Ncube kanye noNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi bavakashele eDube Village ngoLwesithathu beyohlola umonakalo. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uthi imigwaqo, amanethiwekhi kagesi namapayipi amanzi alimele kakhulu. Ezindaweni ezisenyakatho yeTheku, amathimba abatakuli akwazile ukuhlenga imindeni ebivaleleke ezindlini zayo.

Continue reading