EZOMPHAKATHI ZIXOXWA NGEZITHOMBE
NgoLwesine lomhlaka 8 Febhuwari 2024 eCape Town ngesikhathi uMengameli wezwe Umnu Cyril Ramaphosa ethula inkulumo yesizwe.
NgoLwesine lomhlaka 8 Febhuwari 2024 eCape Town ngesikhathi uMengameli wezwe Umnu Cyril Ramaphosa ethula inkulumo yesizwe.
IMENENJA kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele, itshele isigungu esiphezulu kuleli dolobha ukuthi abaphathi behhotela elikhulukazi kuleli dolobha, elavalwa ngesikhathi sokjhlasela kokhuvethe, iHilton Hotel baxolivula maduze, ngokusho kwe-Timeslive.
IMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda, ehambisana nekhansela laku Ward 1 uThembo Ntuli, ekanye nosihlalo wekomidi leGovernance and International Relations ukhansela uNkosenhle Madlala, behlangene nethimba lobuholi ezinhlakeni ezahlukene baku Ward 1, bahambele indawoyaKwaXimba ngomhlaka 6 Mashi ngenhloso yokuyohlola izingqinamba ezivimba ukuqhutshwa kwama project amanzi, ukuthuthwa kwendle, kanye nokwakhiwa kwemigwaqo endaweni.
Emazweni amaningi ukuhlangana kwezizwe ezahlukene ngezinhlanga kuyinto ebalulekile kodwa kuwumgomo ongafinyeleleki. Njengoba kuMasingana (January) o-Fakazi Baka-Jehova ezweni lase-Ningizimu Afrika babheka lesi skhathi njengesiyinqopha-mlando ngoba bakwazi ukuhlanganisa abantu bezinhlanga noma amabala ahlukene
Uya ngokululama owesifazane waseMzinto eNingizimu ye KwaZulu-Natal owahlaselwa izinja amapitbull amane(4).
Iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) selikhiphe isitatimende elisibhekise kwabezindaba lapho limemezela khona usuku elizobamba ngalo iManifesto yalo eyobe ingeSonto lomhlaka 10 kuMashi 2024..
Nakuba sekwedlule izimpelasonto obekubhaliselwa ngazo ukuvotela ukhetho luka 2024, inhlangano ebhekele ezokhetho Independent Electoral Commission ikhuthaza abantu ukuthi basengaqhubeka babhalisele ukuvota online.
UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa kulonyaka wesihlanu okungowokugcina kwihlandla lakhe, okuphinde kuqondane neminyaka engamashumi amathathu (30) lelizwe lathola inkululeko,wethule inkulumo yakhe ngoLwesine kusihlwa ngehora lesikhombisa kuwumhlaka 8 Febhuwari 2024, eCapeTown, lapho evezele khona isizwe isithombe ngakho konke osekwenziwe uhulumeni ngaphansi kweqembu leAfrican National Congress (ANC).Kanti nezingqinamba ezikhungethe izwe nazo akazishiyanga ngaphandle.
Ngokodaba olucashunwe ekhasini le-website ye SABC,luveza ukuthi luzolalelwa enkantolo yezokhetho eseBloemfontein, ngomhlaka 19 Mashi 2024, udaba olusezithebeni zenkantolo olufakwe iqembu le African National Congress (ANC) oluphikisa ukusetshenziswa kwegama okuqanjwe ngalo iMK Party, njengeqembu lezepolitiki, ekubeni yona iANC, uMkhonto Wesizwe iwuthatha njengophawu lomlando wayo.
Sanibonani bantu bakithi . Njengoba siqeda kubungaza usuku lwezithandani ngithi angikhuthaze bonke abathandanayo abakwazile ukubonisana uthando ngezindlela ezahlukene ukuthi mabangagcini lapho kodwa mabaqhubeke benzanjalo noma kungaseylona usuku olugujwa ngumuntu wonke kodwa uma bethole isikhathi baphinde bazenzele olwabo usuku bathokozisane babonisane uthando .