USetsetse uthi kumjabulisile kakhulu  ukuzuza emncintiswaneni weKZN Namuhla Artists Awards 2024

SHEILA MHLONGO

UKgotso Lentsha  odume ngelika, Setsetse, ungowase Eastern Cape eMount Fletcher (Tlokoeng) emzini wase Ditaung lapho ekhulele khona. Kanti okwamanje uhlala futhi usebenza eWestern Cape edolobheni lase Cape Town.

Wenza umculo weSesotho (famo) uqale ngo 2011 , kwathi ngo-2020 wenza I-Album yokuqala , 2022 wenza eyesibili.Manje unama Album amabili ethi ‘Setsetse No1 Lengolo la Thaba Likhutlo, eyesibili ethi ‘ Setsetse No2 Liaja lia Roba.

Uthi ukuze enze  lomculo uye wabona ukuthi akhumbuze abantu isintu kanye nabancane bakwazi ukuthi kuphileka kanjani noku cula ngomlando  wempilo yomuntu.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu mangiwinile , ngoba lokhu kungumlando kiminakwabanye abantu, kodwa ngiyaqala ukungenela umncintiswano weKZn Namuhla Artists Awards 2024, futhi angikaze ngangenela kwenye indawo.” Kusho uSetsetse.

Uthi imphathe kahle kakhulu lendlela yokuvota ebhange akazange abe nenkinga, kanti usengaphinda futhi angenele nangokuzayo.

“Ngibonga kakhulu kubo bonke abantu bangivotele ukuze ngiwine ,ngithi mangiphinda futhi ngicela bangivotele kakhulu futhi. Kuwowonke amaCiko angazange awine ngithi ningapheli mandla phindani ningene futhi nizofikelela niwine ….

umculo wami uyatholakala kuwowonke ama platfform shops online , ngiyatholakala ku Facebook as Ntate Setsetse Tiger , Tiktok as Koete Setsetse. for more info : Contact No; 0679777776.” kuphetha uSetsetse.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *