UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali uthe ayivumelekile imibhiyozo yokuqeda ukubhala kwa Matric esiFundazweni

Esithombeni: UNgqongqoshe Wezemfundo KwaZulu-Natali, uMnu Sipho Hlomuka.

OWAMI THABETHE

Njengoba unyaka wokufunda usuya ngasemaphethelweni abafundi bakamatikuletsheni abaningi bayaqeda ukubhala izivivinyo zabo ngomhlaka 22 Novemba , uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali  usunxuse zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthi bagweme abafundi ukuthi bazibandakanye kwimibhiyozo ebizwa ngama Pens down.

UMnyango ugxeka indlela abafundi abaziphatha ngayo uma begubha ukuqedwa kokubhalwa kwezivivinyo zabo zokuphela konyaka. Abafundi baziphathisa okwemidlwembe kulemibhiyozo yabo okubalwa  ukuphuza utshwala esidlangalaleni, ukucekela phansi impahla kanye nezinye izinhlobo zokuziphatha okungafanele. Imvamisa konke lokhu akuphethi kahle njengoba abanye abafundi bagcine sebephangalele endaweni yesigameko.UMnyango uthe Lezi zenzo azigcini nje ngokulimaza abafundi, kepha ucekelela phansi imigomo yenhlonipho uMnyango ozama ukuyifaka kubafundi.

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natali, uMnuz Sipho Hlomuka uphinde wakhuza umkhuba owenziwa ngabafundi baka Matric wokudabula imifaniswano yabo yeskole bayipende, kunalokho bayanxuswa ukuthi beze nemifaniswano yabo yesikole ifakwe emaphaketheni ezipho ukuze bafake isandla kubafundi abaswele, ukukhuthaza umoya womphakathi nokuphana esikhundleni sokuziphatha budedengu.

“ Imibhiyozo yokugubha ukuqedwa kokubhalwa seyavalwa esiFundazweni sethu, ngakho nginxusa abazali ukuthi nabo babambe iqhaza ukuqapha izingane zakho zingabandakanyi nalesi senzo. Knjalo uma abafundi sebezolanda izitatimende zabo zemiphumela ngo Januwari, bayigubhe kahle nemindeni yabo ngendlela ephephile” Kusho uHlomuka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *