IPhunyaselesele ethubeni lokubuyela kuBetway Premiership

SBUH MAMBA

Kubukeka sengathi zizosulwa izinyembezi zabalandeli bePhunyaselele abakhihla esika Nandi iqembu labo abalithandayo iBloemfontein Celtic lithengwa usomabhizinisi waseThekwini uMaMKhize uShauwn Mkhize ngo 2021, uMaMKhize wathenga konke nabadlali waliqamba igama elisha labizwa nge Royal AM, lasuswa eFreestate  lazozinza eKZN. Ithithwi thwahla iRoyal AM izulelwa ngamanqe kubikwa ukuthi kungenzeka lidayiswe ngoba likweleta uSARS izizumbulu zamarandi.

UNgqongqoshe wezemidlalo uMnu. Gayton Mkcenzie ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo iMarawa Sport Worldwide ukuqinisekisile ukuthi kukhona abaphathi abasha be-Celtic abafuna ukuthenga i-Status senye ikilabhu egjima esigabebi esiphezulu kuPSL i-Betway Premiership kodwa akalidalulanga igama leqembu. Ngokubika kwe FARPOST i-Celtic egijima ku-AB Motsepe League isibhale incwadi yokwesula ku-ABC Motsepe League imatasa namalungiselelo okubuyela esigabeni esiphezulu i-Betway Premiership. Uma kuhambe kahle abaphathi abasha beCeltic bagcine bethenge I-Status se Royal AM ,lizoshitshwa igama libizwe nge Bloemfontein Celtic bese lisuswa eKZN libuyele eFreestate.

IPhunyaselele elinye lamaqembu amakhulu ahlonishwayo futhi elinomlando omuhle ebholeni laseNingizimu Africa ,lasungulwa uNorman Mathobisa noMahatane ngonyaka ka1969 , njengamanje liphethwe uMax Shabalala, i-Celtic isagijima esigabeni esiphezulu ibidume ngokukhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu abebegijima ngisho eqenjini lesizwe iBafana Bafana  singabala oGabadingo Mhango, Kabelo Dlamini , Lehlohonolo Seema , Lyle Lakay ,Neo Maema ,Lennox Bacela , Amour Patrick Tignyemb, Lebohang Mothibantwa, Menzi Masuku , Sipho Chaine , Hlompo Kekana , Moses Spandeel , Dumisani Zuma, John Maduka, Thapelo Morena , Kabelo Mahlasela , Tlou Segolela , Lucky Baloyi, James Mabokgwane , Justice Shabalala , Given Mashikinya, Thato Lingwati , Sam Ngobeni , Tebogo Potsane , Mzwanele Mahashe, Kgotso Mofokeng , Sera Motebang

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *