Sekuqalile ukungenelwa komncintiswano weKZN Namuhla Artist Awards 2025

SHEILA MHLONGO

AmaCiko angenela iKZN Namuhla Artists Award 2024

AmaCiko asezothola ithuba lokuziwinela iziNdondo kanye neCash Prize kowe KZN Namuhla Artists Awards 2025

Sekuqalile futhi ukungenelwa komncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards 2025. Wonke amaCiko azizwayo ukuthi angakulungela ukuba ingxenye yalomncintiswano ayamenywa ukuthi aqale abhalise amagama awo, njengoba sazi ukuthi iCiko aliqokwa kodwa liyaziqoka lona ngokubhalisa igama lalo kanye nohlobo lobuCiko elifisa ukubungenela.

UMhleli walomncintiswano ophinde abe uMhleli wephephandaba iKZN Namuhla ukhuthaza wonke amaCiko anesifiso sokuba ingxenye yalomncintiswano asengaqala ukujoyina ngo-R250 ohambisana nemininingwane yeCiko kanye nomkhakha iCiko elingena ngaphansi kwawo okungaba owodwa noma ngaphezulu.

Uma iCiko seligcwalisile ifomu maqede lakhokha imali engu-R250 wokujoyina lithumela ifomu nesithombe salo esicacile ukuze lenzelwe iPoster enemininingwane yokuvotelwa ngemali engu-R2 ivoti ngalinye.

Uma sekuyisikhathi sokuvota kuyokwenziwa ngendlela yokuthenga ivoti ngo-R2 ngalinye  ngokwemininingwane eyofakwa kwiPoster yeCiko nendlela okwenziwa ngayo.

Izindaba ezimnandi ezokuthi kulokhu amaCiko nawo asezohlomula ngokuziwinela uCash Prize ngaphezu kwamaTrophy, nezitifiketi kanye nokuphromothwa,  kulabo abayoba namavoti ahambisana nemibandela ebhalwe kwisimemo.

Okunye okuhle ukuthi alikho nelilodwa ivoti eliyolahleka ngenxa yokubheda kweNetwork. Nokuthi kuyoba lula kakhulu ukubala amavoti ngoba iphephandaba iKZN Namuhla nsuku zonke liyokwazi ukuzibonela labo asebethenge amavoti ngempumelelo.

Inhloso yalendlela entsha yokuvota

  • Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla alixhasiwe ngakho ukuze umcimbi wokuhlonipha amaCiko ube impumelelo kudingeka imali yokukhokhela zonke izindleko kusukela kumalungiselelo kuze kube usuku lomcimbi.Ngaphezu kwalokhu iphephandaba  lidinga izimali zokulisimamisa ukuze liqhubeke likwazi ukushicilela, izindaba, ligaye iphephandaba, likhokhele abasebenzi, liphinde likwazi ukubhekana nezindleko zezokuxhumana okubalwa i-Airtime neData.
  • Ukukhokhela imiklomelo yama Trophy kanye nezitifiketi.
  • Ukuhlomulisa amaCiko  enze kahle ngokuvotelwa.
  • Ukukhokhela izindleko zendawo yokwenza umcimbi.
  • Ukukhokhela izindleko zokwenza iVideo kuleloCiko Eliyowashaya onke emakhanda.

Ngakho kuwo wonke amaCiko afisa ukungenela iKZN Namuhla Artists Awards asengakwazi ukubhalisa kusukela ngomhlaka 10 Mashi 2025 kanti ukuvalwa kokubhalisa kugcina ngomhlaka-15 June ebese kuqalwa ukuvota ngomhlaka 16 June. Wonke amaCiko ayobe esethole ama Poster awo anesithombe kanye nemininingwane yonke yokuvotelwa.

Ukuvalwa kokuvota kuvalwa ngomhlaka-30 August 2025

Umcimbi uyoba ngoMgqibelo womhlaka-6 Septhemba 2025 endaweni eyokwaziswa.

Ngakho kumenywa amaCiko avela ezingxenyeni zonke zeKwaZulu-Natali kanye nakwezinye izifundazwe zakuleli amukelekile ukungenela.

Ukwazi kabanzi kungaxhunyanwa noMhleli umama uSheila Mhlongo kuWhatsApp number : 076 390 6969 kunombolo ye WhatsApp : 079 467 9297 baxhumane noSbu Mamba. Email:editor.kznnews@gmail.com.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *