UNdunankulu waKwaZulu-Natali uhalalisele imiphumela emihle kamatikuletsheni ka-2025

ESITHOMBENI: Kusukela kwesokunxele uNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uThami Ntuli ngesikhathi sokumenyezelwa kwemiphumela kamtaric e-ICC ekanye  nomfundi obambe isitifiketi,uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uSipho Hlomuka, ekanye nePhini likaNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo kuzwelonke uMhlonishwa uReginah Mhawule

NTATHELI YE-KZN NAMUHLA

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, uthe imiphumela kaMatikuletsheni ka-2025 iyingqophamlando emlandweni wemfundo yesifundazwe, futhi imaka ukuqala kwenkathi entsha lapho uhlelo lwezemfundo seluzinza futhi luya phambili.

Uthe le mpumelelo ayizenzekelanga, kodwa iwumphumela wokuzimisela, ukusebenza kanzima nokubambisana kwabafundi, othisha, abaphathi bezikole, abazali kanye noMnyango wezeMfundo. Nakuba abafundi abaningi bebhekene nobunzima bezomnotho, bakhombise isibindi, ukuzimisela nokuziphatha okuhle ukuze baphumelele.

Uhulumeni wesifundazwe uzigqaja ngale miphumela, njengoba ikhombisa umphumela wezinyathelo eziqondile zokuthuthukisa ukufundisa, ukufunda kanye nokwesekwa kwabafundi. Lokhu kuphinde kuqinisekise ukuthi uma uhulumeni, imiphakathi nababambiqhaza besebenza ndawonye, intuthuko iyenzeka.

Nokho, uNdunankulu ugcizelele ukuthi noma kunemiphumela emihle, izinselelo zisekhona. Ubalule izinkinga zezakhiwo zezikole, ukuminyana kwabafundi, ukushoda kwezinsiza, ukuphepha ezikoleni, ubugebengu, ukusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nokukhulelwa kwentsha, ikakhulukazi amantombazane, okuphazamisa imfundo yabo.

Uphinde wagcizelela ubunzima bobubha, wathi kwezinye izingane, isikole yisona kuphela indawo lapho zithola khona ukudla okunempilo ngeSikimu Sokondla Sezikole Sikazwelonke. Lokhu kukhombisa ukuthi imfundo ayigcini ngokuphumelela kwezivivinyo kuphela, kodwa imayelana nesithunzi, ukuphepha, ukunakekelwa nokwakha ikusasa eliqinile labantwana.

Njengengxenye yohlelo lwezingxoxo ezisimeme, uNdunankulu umemezele ukuthi kuzobanjwa Ingqungquthela Yokubonisana Ngezemfundo KwaZulu-Natal ekota yokuqala ka-2026. Le ngxoxo izohlanganisa othisha, izinhlangano zabasebenzi, abazali, ama-SGB, izifundiswa, abacwaningi kanye nabanye ochwepheshe bezemfundo, ngenhloso yokuthola izixazululo ezisebenzayo neziqhubekayo.

Uphinde wamemezela ukuthi kuzobanjwa Ingqungquthela Yemisebenzi Yesifundazwe (Provincial Job Summit), ezogxila emisebenzini yesikhathi esizayo, ukuhambisana kwamakhono emfundo nezidingo zomnotho, kanye nokulungiselela intsha umhlaba womsebenzi oguqukayo.

UNdunankulu uphethe ngokugcizelela ukuthi imfundo iyithuluzi lenkululeko – yengqondo, yezomnotho neyenhlalo. Ukutshala izimali emfundweni kusho ukutshala enkululekweni nasekusaseni lapho zonke izingane zaKwaZulu-Natal zingakwazi ukufinyelela amandla azo agcwele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *