SHEILA MHLONGO
UMengameli uCyril Ramaphosa uqoke iNhloko ye-Special Investigating Unit (SIU), uMmeli u-Andy Mothibi, ukuba abe uMqondisi Kazwelonke Wezokushushisa (NDPP) omusha weNational Prosecuting Authority (NPA).
UMothibi uzothatha lesi sikhundla kusukela ngoNhlolanja 2026.
“UMmeli uMothibi… waqala umsebenzi wakhe njengommangaleli wombuso ezinkantolo zamaMantshi nezesiFunda eGoli naseSoweto. Uphinde wasebenza njengommantshi ezinkantolo zamaMantshi eGoli naseSoweto.
“UMmeli uMothibi uke wasebenza emikhakheni ehlukahlukene yomphakathi neyimboni yangasese, ephethe izindaba zomthetho, ukulawulwa kokuhambisana nemithetho kanye nokuphathwa kwezingozi, kuhlanganise nokusebenza e-SARS njengomholi Wezinsizakalo Zomthetho Ezinkampanini kanye neNhloko Yezokuphatha,” kusho uMnyango kaMongameli esitatimendeni sangoLwesibili.
UMengameli uRamaphosa waqoka ithimba labaluleki elinamalungu ayisithupha lokukhetha i-NDPP entsha, elaliholwa nguNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, uMmamoloko Kubayi.
Leli thimba laxoxisana nabafakizicelo abayisithupha kwabacishe babe ngu-32 abafake izicelo zalesi sikhundla.
“Ithimba laqeda inqubo yalo futhi lethula umbiko kuMongameli ngomhlaka-12 Disemba 2025. Embikweni walo, lethimba laluleka uMongameli ngokuthi akekho kulabo abaxoxiswene nabo obefanele lesi sikhundla se-NDPP.
“Ngalokho-ke, uMongameli uRamaphosa, ngokwemigomo yesigaba 179(1)(a) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, 1996, ofundwa kanye nesigaba 10 soMthetho we-NPA, 1998 (uMthetho 32 ka-1998), uthathe isinqumo sokuqoka uMmeli uMothibi.
“UMengameli uRamaphosa udlulisa ukubonga kwakhe kumalungu ethimba ngeluleko lawo nangokwenza umsebenzi wawo ngobuhlakani nangobulungiswa,” kuchaza isitatimende.
Ukuqokwa kukaMothibi kuzodala isikhala e-SIU, kanti uLeonard Lekgetho uhlelelwe ukuba abe yiNhloko Esibambile kusukela ngoNhlolanja.
“UMnu. Lekgetho njengamanje usebenza njengeNhloko Yezokusebenza (Chief Operations Officer) ye-SIU. Unesipiliyoni seminyaka engaphezu kwengu-22 kwezophenyo lwe-forensic, kuhlanganise nokusebenza njengophenyi we-forensic eMnyangweni owawaziwa nge-Directorate of Special Operations, owawubizwa ngokuthi amaScorpions,” kusho isitatimende.
I-NDPP yamanje, uMmeli uShamila Batohi, kulindeleke ukuthi athathe umhlalaphansi ekupheleni kwale nyanga njengoba eseqede isikhathi sakhe esigcwele ehhovisi.
“UMengameli uRamaphosa ubonga uMmeli uShamila Batohi ngomsebenzi wakhe negalelo alenzele isikhungo sikazwelonke sokushushisa amacala, futhi umfisela okuhle emizamweni yakhe yesikhathi esizayo,” kuphetha isitatimende.– SAnews.gov.za

