
Okhulumela uMengameli wezwe uMnu Vincent Magwenya ngesikhathi kunesithangami nabezindaba
SHEILA MHLONGO
Okhulumela uMengameli, uVincent Magwenya, uthi uMengameli Cyril Ramaphosa ulindele ukuthi abezomthetho bathathe izinyathelo kubabhikishi abanodlame, ngesikhathi egcizelela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abanayo inzondo kwabokufika.
Le nkulumo iza ngesikhathi imibhikisho emelene nabantu bokufika abangenazo izincwadi ezisemthethweni isisabalele emadolobheni amaningi amakhulu eNingizimu Afrika.
Ekhuluma nesithangami sabezindaba ngoLwesithathu, uMagwenya uthe lolu daba luxoxwe phakathi kukaMengameli Ramaphosa nozakwabo waseMozambique, uMengameli Daniel Chapo ngesikhathi evakashele eNingizimu Afrika emsebenzini ezinsukwini ezedlule.
“Lolu daba luxoxwe izolo phakathi kukaMengameli Chapo noMengameli Ramaphosa futhi bobabili bavumelene ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika abanayo inzondo kwabokufika. Okukhona yizindawo ezimbalwa lapho kunemibhikisho, okuyinto evunyelwe ngaphansi komthethosisekelo wakuleli.
“Kukhona futhi iqiniso lokuthi udaba lokufuduka kwabantu luyinselelo hhayi kuphela eNingizimu Afrika kodwa emhlabeni wonke lapho abantu bebhikishela khona lezi zindaba.
“Okubalulekile kithina ukuhlonipha amalungelo abo bonke abantu abangaphakathi kwemingcele yezwe lethu, futhi uma sibhikisha, senze lokho ngokuthula ngaphandle kokulimaza omunye umuntu,” kuchaza yena.
UMagwenya uphinde wathi uMengameli Ramaphosa ulindele ukuthi abezomthetho “badlale indima yabo ekuvimbeleni noma yiziphi izenzo zodlame olubhekiswe kunoma yimuphi umuntu.”
Ngaphezu kwalokho, laba baholi bobabili bavumelene ngokuthi amazwe ase-Afrika kumele asebenzisane ukubhekana nezinselelo ezidala ukufuduka kwabantu.
“Izolo, bobabili uMengameli Chapo noMengameli Ramaphosa bavumelene ngokuthi izwekazi lase-Afrika kumele lisebenzisane ukubhekana nezimbangela zalezi zinga zokufuduka kwabantu esizibona ezwenikazi lethu.
“Izindaba zezimpi, ukungazinzi kwezepolitiki, kanti kwezinye izindawo uma sikhuluma iqiniso, ukuphatha kabi kuholela ekutheni abantu bafuduke ngobuningi beyofuna indawo yokuphephela kwezinye izingxenye ze-Afrika okubalwa neNingizimu Afrika.
“Bobabili bavumelene ngokuthi kufanele kube nengxoxo eqotho, evulekile necacile ezwenikazi lonke. Kodwa uMengameli wagcizelela ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe elamukela abantu, nokuthi abantu baseNingizimu Afrika banobungane, bavulekile futhi banomusa. Sizophikisa noma yimuphi umbono ozama ukuveza leli lizwe noma abantu balo njengabantu abanenzondo kwabokufika,” kusho yena. – SAnews.gov.za

