I-ANC esifundeni saseThekwini ithi ayihambisani nobukhona kwabokufika abakuleli ngokungemthetho

Esithombeni umholi we March n march uJacinta Ngobese-Zuma ekanye noPhakelumthakathi ovela enhlanganweni abambisene nayo kulomkhankaso wokulwisana nobukhona kwabokufika abakuleli ngokungemthetho -ISITHOMBE sithathwe ekhasini le-march n march le-Facebook

  1. I-ANC iyaweseka umsebenzi omuhle owenziwa inhlangano  iMarch n March

SHEILA MHLONGO

Ithimba Lesikhashana Lesifunda le-ANC lihlangane emhlanganweni walo wokuqala lapho lixoxe khona ngezindaba eziningi okubalwa kuzo nodaba olushubile lwabokufika abangekho emthethweni abasebenza ezitolo zama-spaza nakwamanye amabhizinisi amancane.

I-ANC iyavuma ukuthi ngenxa yezinqubomgomo zayo ezithuthukayo ekuphatheni umbuso wentando yeningi, iNingizimu Afrika isiphenduke izwe elihehayo kubantu abafuna ukuhlala nokuhweba kulo. Omunye wemiphumela engahlosiwe kube ukwanda kwabokufika abangekho emthethweni.

Lokhu sekuholele ekuhluphekeni kwabantu bakithi njengoba kudale ukungaboni ngaso linye nokungezwani phakathi kwabantu bendawo nabokufika abangekho emthethweni mayelana namathuba emisebenzi nawokuhweba.

I-ANC eThekwini ikholelwa kakhulu ukuthi abantu bendawo abaphakamisa lezi zinkinga banokukhathazeka okusemthethweni futhi akufanele baphathwe ngokubukelwa phansi.

Kuyiqiniso ukuthi amathuba obekumele agcinelwe abantu bendawo manje asetshenziswa ngabokufika abangekho emthethweni. Ngakho-ke i-ANC icela uhulumeni oholwa yi-ANC ukuthi akuqede ngokushesha lokhu futhi uvikele umnotho wabantu baseThekwini.

Ngakho-ke i-ANC eThekwini izoqondisa umasipala ukuthi wenze imikhankaso yansuku zonke yokuhlola nokuvala zonke izitolo zama-spaza ezingezabokufika abangekho emthethweni. Zonke iziqukathi (containers) ezigcwele kumasipala wonke kufanele zithathwe zibekwe endaweni kamasipala egcinelwe izimpahla ezibanjwe ngenxa yokwephula umthetho.

Abokufika abangekho emthethweni abazotholakala kulezi ziqukathi nasezitolo zama-spaza kufanele baboshwe ngokushesha baphindiselwe emazweni abo futhi AKUMELE banikezwe amaphepha asemthethweni.

Umasipala uyayalelwa futhi ukuthi usungule ngokushesha ISIKHWAMA SEZITHELO ZAMA-SPAZA esizovuselela izitolo zama-spaza zasemalokishini ezingabantu bendawo. Akukho sitolo sama-spaza sanoma ubani oxhumene nabaholi be-ANC okufanele sizuze kulesi sikhwama. Intsha kufanele ibekwe phambili kuleli thuba.

I-ANC iphinde yanquma ukucela umhlangano nobuholi benhlangano iMarch and March kanye nezinye izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni ezihola lo mkhankaso omuhle ngenhloso yokwenza lo msebenzi ube yingxenye yezinhlelo ezisemthethweni ukuze kuqinisekiswe ukuthi wenziwa ngendlela efanele nephelele.

I-ANC  ixolisa ngokuzithoba  kubantu bakuleli ngesimo esingesihle esidale  ubuhlungu nokuhlupheka kubantu bakithi. Sifisa ukuqinisekisa abantu ukuthi i-ANC iyinhlangano yabantu futhi kufanele ngaso sonke isikhathi ilalele amazwi abantu.

Okokugcina, umbono we-ANC ucace bha, abokufika abangekho emthethweni kufanele baboshwe baphindiselwe emazweni abo abadabuka kuwo. Lesitatimende sikhishwe uMnu Thanduxolo Sabelo, ongumxhumanisi we-ANC eThekwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *