
Isithombe: Ucwaningo lwe-PhD lukaDkt Lennox Luzipo luhlaziya futhi luveze indlela izinhlangano zobugebengu bezimoto ezisebenza ngayo eThekwini.–Umthwebuli wezithombe: Sethu Dlamini
SHEILA MHLONGO
Ucwaningo lweziqu zobudokotela olugxile esimweni sokuphangwa nokwebiwa kwezimoto luveze kabanzi ngezindlela ezisetshenziswa yizinhlangano zobugebengu ezisebenza endaweni yaseBerea eThekwini.
UDkt Lennox Luzipo, osanda kuthweswa iziqu zobudokotela, uxoxisane neziboshwa eziyishumi ezidonsa izigwebo ezikhungweni eziyisithupha zoMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo KwaZulu-Natal ngenhloso yocwaningo lwakhe.
Lezi ziboshwa zibandakanya nesiboshwa esigcinwe ejele elivikeleke kakhulu, i-eBongweni Correctional Centre eKokstad.
Ucwaningo lwakhe lwe-PhD olunesihloko esithi: ‘Organised Nature of Modus Operandi on Motor Vehicle Robberies and Thefts in Berea, Durban’ lubandakanye izingxoxo ezijulile ezithole ukuthi izigebengu azisebenzisi indlela eyodwa efanayo uma ziqondise izimoto. Kunalokho, zisebenzisa amasu ahlelwe kahle futhi aqondiswe ngqo kulowo ohlosiwe, kanti lezi zindlela ziyahlukahluka kakhulu kuye ngobuzwe besisulu.
Kubantu abaningi ababa yizisulu, lokhu kuvamise ukubandakanya lokho akuchaza ngokuthi “ukubhekana okunodlame ngokomzimba, njengokulandela umuntu nokuvimba imoto yakhe ukuze iphoqwe ukuthi ime,” okuyindlela esebenzisa amathuba atholakala esiminyaminyeni sezimoto zansuku zonke.
Kodwa-ke, uma kuhloswe abantu bokufika, izigebengu ziguqula ngokuphelele indlela ezisebenza ngayo. Lobu bugebengu bubandakanya ukusebenza okuyinkimbinkimbi okwenzeka ngezigaba eziningi, lapho izisulu zihehwa bese zibanjwa kusetshenziswa izimoto zamaphoyisa ezingamanga, kulandelwe ukwesatshiswa okukhulu ngokusebenzisa ubuchwepheshe bedijithali kanye nokwesabisa ngenhloso yokuphoqa izisulu ukuthi zithobele imiyalelo yezigebengu.
Ngaphandle kwamaqhinga asetshenziswa emgwaqeni, ucwaningo lukaLuzipo luveze izindikimba ezimbili ezinkulu: ukusetshenziswa kobuchwepheshe ngendlela embi, kanye nezinga elijulile lokuhleleka kwezinhlelo zobugebengu ezibandakanya ngisho nezinhlaka zomthetho.
Uthe: “Izigebengu zivamise ukuhambisana nezindlela ezintsha zokuphepha kwezimoto. Nakuba izindlela ezifana nama-alamu nezivimbeli zokusha kwemoto zinciphisa ukwebiwa okujwayelekile, lokhu kuholele ekwandeni kobugebengu obunodlame. Ngokusebenzisa ubuchwepheshe obuphikisana nokuvikeleka, njengokuhlelwa kabusha kwama-key fob, izigebengu zikhombisa ukuthi izindlela zobugebengu ziyashintsha njengoba nezindlela zokuzivikela zithuthuka.”
ULuzipo uthole ukuthi izinhlangano zobugebengu ziguqula ngamabomu amaphoyisa abe ngabahlinzeki bolwazi lwezigebengu ngokwakha ubudlelwano bokwethembana ukuze zithole ulwazi olubucayi.
“Lokhu kuvumela izigebengu ukuthi zilawule yona kanye inhlaka okufanele izinqande.”
Naphezu kwalokho, izigebengu azisebenzi ngaphandle kokwesaba. ULuzipo uphawula ukuthi zihlala ngaphansi kwengcindezi ngenxa “yempilo ephindwe kabili – zithembele kubaphenyi abakhohlakele kodwa ngesikhathi esifanayo zihlala zikhathazekile ngamaphoyisa angakakhohlakali.”
Ucwaningo lukaLuzipo luncoma ukubambisana okuqinile phakathi kwamaphoyisa nemiphakathi, imikhankaso yokwazisa umphakathi, ukuqeqeshwa okuthuthukisiwe kwabomthetho kanye nokusetshenziswa kobuchwepheshe ukuthuthukisa ukuphepha kwezimoto. Uphinde wagcizelela isidingo sokushintsha indlela yokubhekana nalezi zigameko ngokusebenzisa izindlela ezibanzi kunokusebenzisa izixazululo ezihlukene ezingahlangene.
“Ngokubhekana nezimbangela zalezi zigameko kanye nokwakha ukubambisana phakathi kwabo bonke ababambiqhaza, kungenzeka ukuthuthukisa ukuphepha komphakathi futhi kusizwe ekuqondeni kabanzi indlela ubugebengu obuhlelekile obusebenza ngayo eNingizimu Afrika.”

