UNgqongqoshe ukhuthaza ubambiswano nezikhwama zempesheni kanye nezikhungo zezezimali ukuthuthukisa umnotho wasezindaweni

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, enxusa izikhwama zempesheni, abaphathi bezimpahla zokutshalwa kwezimali

ULUNDI: UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usenxuse izikhwama zempesheni, abaphathi bezimpahla zokutshalwa kwezimali kanye nezikhungo zezezimali zentuthuko, ama-Development Finance Institutions (DFIs), ukuba basebenzisane nohulumeni basekhaya ukuze kuvulwe amathuba okutshalwa kwezimali kwesikhathi eside kwingqalasizinda futhi kwakhiwe iminotho yasemakhaya nasemadolobheni ekwazi ukumelana nezinselelo.

Ekhuluma nabaholi bamabhizinisi kanye nababambiqhaza ababalulekile emhlanganweni i-KZN Investment Forum, obubanjelwe eRadisson Blu eMhlanga, uButhelezi ugcizelele ukuthi izimali zezikhungo zibalulekile ekuqiniseni ukuhlinzekwa kwezidingo komasipala, ekwandiseni ingqalasizinda yasemiphakathini kanye nasekubuyiseleni ukuzethemba kubatshalizimali esifundazweni sonke.

UButhelezi ugcizelele ukuthi i-KZN COGTA izobamba iqhaza elibonakalayo ekwakheni nasekuqhubekiseni ubambiswano olunesu phakathi komasipala, izikhwama zempesheni kanye nezikhungo zezezimali, ngenhloso yokwakha ngokubambisana izindlela zoxhaso ezisimeme kanye nokwenza lula ukuqaliswa kwamaphrojekthi.

Ekhuluma ngenqwaba yezimali zezikhungo ezikhona eNingizimu Afrika, uthe ukutshalwa kwezimali kwingqalasizinda okuhlelwe futhi kwadidiyelwa ngendlela efanele kungaletha inzuzo ethembekile yesikhathi eside, ngesikhathi esifanayo kubhekwana nezinselelo zomnotho ezikhungethe izindawo.

Njengesibonelo esingasetshenziswa, uButhelezi ubalule uxhaso lwakamuva lwengqalasizinda yamanzi olubiza u-R5.7 billion, olutholwe ngokubambisana ne-Development Bank of Southern Africa (DBSA) kusetshenziswa Umngeni-uThukela Water.

Lokhu kuhambisana nemali engaphezu kuka-R12.7 billion ngonyaka ebekelwe izibonelelo zamanzi zomasipala esifundazweni ngaphansi kohlelo lwesikhathi esimaphakathi lokusetshenziswa kwezimali, i-Medium-Term Expenditure Framework.

Ukuqinisekisa abatshalizimali, uButhelezi uphinde wagcizelela ukuzibophezela kukahulumeni ekwakheni isimo esikahle semigomo yokusebenza, ukuqinisa ukuphathwa kwezimali kanye nokusimamisa izinsizakalo ezisemqoka ezifana namanzi nogesi.

I-KZN COGTA isebenza ukubeka omasipala esimweni sokuba ngabalingani abazinzile ngokwezimali futhi abalungele ukwamukela ukutshalwa kwezimali.

UButhelezi ubalule ukukhula okusheshayo okuqhubekayo emhubheni osuka eMhlanga uye eBallito, unwebe uye enyakatho eMthunzini, njengobufakazi bokukhula kokuzethemba kwabatshalizimali. Lokhu kuqinisa isikhundla saKwaZulu-Natal njengendawo ekahle yokutshalwa kwezimali kwesikhathi eside emikhakheni yezokukhiqiza, ezokuthutha nokuhanjiswa kwezimpahla, ezolimo kanye nezokuvakasha.

Inkulumo iphinde yagqamisa intuthuko emikhulu esiza ukusheshisa ukukhula komnotho esifundazweni. Lokhu kubandakanya iphrojekthi ye-Club Med Resort ka-R2.1 billion esiFundeni iLembe, ngaphansi kukaMasipala waKwaDukuza, esheshiswa ukuqaliswa kwayo; ukwakhiwa kweHilton Hotel entsha ka-R400 million eHlabisa, emhubheni womgwaqo u-N2 eduze neHluhluwe Game Reserve kanye ne-iSimangaliso Wetland Park.

Kuphinde kwabalulwa ukwandiswa kwezikhungo zakwaToyota eSouth Coast kanye nokukhula okuqhubekayo kwezimboni eRichards Bay Industrial Development Zone (RBIDZ).

Ebheke esikhathini esizayo, uButhelezi umemezele ukuthi kunethimba lesifundazwe lezohwebo nokutshalwa kwezimali elizovakashela eSifundazweni saseGuangdong, eGuangzhou, eChina. Lolu hambo luzogxila ekuheheni izinkampani ezikhiqiza izinsiza nezingxenye zezimoto ukuze zihlinzeke izimakethe zamazwe e-SADC kanye nezwekazi lase-Afrika jikelele.

Ephetha inkulumo yakhe, uButhelezi ugcizelele ukuthi uhulumeni wesifundazwe awubheki i-KZN Investment Forum njengomcimbi ozimele ophela ngosuku olulodwa, kodwa uyibheka njengesisekelo sobambiswano lwesikhathi eside oluhlose ukuguqula amathuba okutshalwa kwezimali abe ngamaphrojekthi aphathekayo, akha amathuba emisebenzi futhi azuzise abantu baKwaZulu-Natal.

Top of Form

Bottom of Form

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *