Uhulumeni udlulise amazwi enduduzo emva kwezigameko zokudubula emathaveni

Ekhuluma esithangamini sabezindaba sangemuva komhlangano weKhabhinethi ePitoli ngoLwesibili lomhlaka 29 Septhemba , uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uKhumbudzo Ntshavheni, uthe abantu abangu-17 bashonele endaweni yesigameko, kwathi omunye washona kamuva ngenxa yokulimala. Abanye abantu abahlanu basesibhedlela besesimweni esibucayi

UNtshavheni uthe bangu-4 kuphela asebekhonjwe ukuthi bangobani kwabashonile. Uhulumeni unxuse abantu abanezihlobo ezihlala kule ndawo ukuba bazame ukuxhumana nazo futhi babikele amaphoyisa uma kukhona abangatholakali.

“Izimoto ezimbili zishisiwe kwaphinde kwebiwa nomakhalekhukhwini. Amaphoyisa athungatha abasolwa abayisishiyagalombili abaxhunyaniswa nalesi sigameko sokudubula,” kusho uNgqongqoshe.

Amaphoyisa aseGauteng aseqale umkhankaso omkhulu wokuthungatha amadoda ayisishiyagalombili angakaziwa asolwa ngokwenza lokhu kuhlasela.

Kubikwa ukuthi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, abantu babephuza ngaphakathi nangaphandle kwethaveni. Abasolwa bafike bavulela ngenhlamvu abantu ababengaphandle, base bengena ngaphakathi ethaveni baqhubeka nokudubula.

Kubikwa ukuthi abasolwa babehlome ngezibhamu zohlobo lwe-AK-47 kanye nezibhamu ezincane.

Kusolwa ukuthi baphinde basesha abantu abathile, babaphuca omakhalekhukhwini ngaphambi kokubaleka ngezimoto ezimbili ezingakaziwa.

Imbangela yalokhu kudubula ayikaziwa. Amaphoyisa aseGauteng asehlanganise ithimba labaphenyi kanye namayunithi akhethekile ngenhloso yokuthungatha nokubopha abasolwa.

Uhulumeni uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani babantu abangu-10 abashone kwesinye isigameko sokudubula eLwandle, eCape Town, ngoMgqibelo kusihlwa.

Abantu abahlanu bashonele endaweni yesigameko, kwathi abanye abahlanu bashona besendleleni eya esibhedlela.

“Sekubekwe amathimba ophenyayo ahlanganisa izinhlaka ezahlukene ukuze labo abenze lobu bugebengu obunyantisayo babhekane nengalo yomthetho,” kusho uNtshavheni.

Umthombo: SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *