Umculi osezuze izindondo eziningi kuma Awards ahlukene ubonga iKZN Namuhla ngokumvulela amathuba

ESITHOMBENI: kwesokunxele uMnu Vusi Mthembu emukelisa umculi weGospel ophakathi nendawo uPat Nkonyeni kanye no Christina Maloka

UPatricia Mgqadi ongumculi wokholo odume ngelika mom Pat Nkonyeni, ungowokuzalwa esifundazweni sase-Eastern Cape endaweni yase Mtaise KwamaDiba eBizana.

Lendima yomculo wokholo uthi uyiqale ngonyaka ka 2017 ngenxa yokuthi nasekhaya kusukela emncane ubehamba uSonto skole (Sunday School) ebandleni iMethodist Church of Southern Africa nesikole aqala kuso u Mtaise Junior Secondary School, i-Baleni High School lapho aphothula khona uGrade-12 wakhe wadlulela  eMfundisweni College of Education lapho aqeqeshelwa izifundo zobuthishela.

UPat Nkonyeni uthi into eyamenza waba nothando lomculo kungenxa  yethuba alithola lokufundisa izingane ngomculo engumbhidisi wekwaya iminyaka eyishumi, esikoleni afundisa kusona i-Patekile JSS ngaphansi kuka thishanhloko uNkk Nomthandazo Mnyobisi, kuso lesikole babephinde babe nesikhathi somkhuleko ngoLwezihlanu nokulapho athola khona uthando nogqozi lokuba aqale umculo wakhe.

Waqopha umculo wakhe kwi-AHR Studio  e Mt Ayliff ku Dan Lebata, wakhipha i-Album ethi iZwi linamandla eliwu- 14 tracks namanye ama-albums amane  kuma Studios ahlukene.

Ngo 2023 wangenela i-NAMA Awards yase Gauteng, lapho wabuya khona neziNdondo  ezimbili  nezitifiketi, kwaba i-KZN Namuhla Artists Awards ngaphansi kuka Mhleli  uSheila Mhlongo kumkhakha we-Song Writer wabuya neNdondo, nesitifiketi.  Ngo 2024  wangenela kwi-  NAMA Awards wabuya neziNdondo  ezintathu nezitifiketi, ngo 2024 wangenela okwesibili kwi KZN Namuhla wabuya neNdondo nesitifiketi Certificate nemali, wangena okokuqala kwi Thembisile and Thandie Awards eLusikisiki phansi kuka Roberto Sfiso Nomzombelana  wabuya neNdondo ye Song of the Year, ne Most Voted Artist nezitifiketi ezimbili, nama-crowns amabili,ne-Medal, kanye nemali ngaphezulu.

Ngonyaka ka- 2024 wangenela kwi-IMA phansi kuka Sakhi Intombi yesimanje manje nomsunguli wayo wathola iNdondo ye-Best Gospel Artist. Ngo 2025, waphinde wangenela  kwi-KZN Namuhla wazuza iziNdondo ezingu- 4, wathola neNdondo ye KZN Namuhla Artist Awards 2025 kanye nomklomelo wemali ngaphezulu

UPat Nkonyeni uncoma ukwethembeka komsunguli we KZN Namuhla Artists Awards

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *