SHEILA MHLONGO
Umphathi Omkhulu Obambile weSikhwama Sikazwelonke Sezibonelelo Zokufunda (NSFAS), uWassem Carrim, uveze ukuthi siyabonakala inqubekela phambili eyenziwe yiNSFAS ukuqeda ukusalela emuva kwezicelo zabafundi kanye nokuvula ithuba kulabo abafanelekile ukuthola imali yesibonelelo.
UCarrim uthe izicelo ezingaphezu kuka-180 000 ezazisalindile ezazithunyelwe kuNSFAS ziholelwe ekuvunyelweni kwezicelo zemali kubafundi abangaphezu kuka-50 000, ngaphambi kokuvalwa kwesikhathi sokubhalisa.
Ukucutshungulwa kwalokhu kuhlanganisa abafundi abangena okokuqala ezikhungweni zemfundo ephakeme, abafundi ababuyayo emanyuvesi kanye nabafundi abaqhubekayo emakolishi ezingama TVET.
Njengesikhwama sokuthuthukisa esiqaphela izimo zomphakathi waseNingizimu Afrika, iNSFAS inika abafakizicelo ezinemininingwane engaphelele ithuba lokuyithumela kabusha, okuyinqubo esivele yaletha imiphumela emihle.
UCarrim uthe ithimba lehoovisi lisebenze ubusuku nemini ukubhekana nemibhalo esalindile; lo mzamo uholele ngqo ekuphasisweni kwabafundi abengeziwe abangaphezu kuka-50 000 ukuthi bathole uxhaso ngaphambi kokuvalwa kwesikhathi sokubhalisa.
Nokho, uphawule ukuthi abanye abafundi basaqhubeka nokufaka imininingwane, engaphelele noma engacacile, okudala ukuthi kube nokubambezeleka kwezicelo okumele zicutshungulwe I-NSFAS.
“I-NSFAS ikhuthaza abafundi ukuthi bathumele amakhophi acacile, alungile emibhalo eceliwe,” kusho uCarrim.
Enye yezinkinga ezivamile kwizicelo ezisalindile ihlobene nefomu lemvume (consent form), elisetshenziswa ukuthola imvume kumzali noma kumgadi womfundi ukuze kuqinisekiswe imali engenayo yasendlini kusetshenziswa imininingwane evela kwezinye izinhlaka.
Leli fomu lemvume lisetshenziswa ukuthola imininingwane yemali engenayo futhi linezimfuneko ezithile lapho imininingwane ethile kufanele igcwaliswe ngokuphelele ukuze iNSFAS ilithathe njengelivumelekile.
Umphathi Omkhulu Obambile uchaze ukuthi izicelo zivame ukubambezeleka uma amafomu emvume engaphelele, engasayinwanga, engenazo izinsuku, noma egcwaliswe ngendlela engalungile.
Izinkinga ezivamile zihlanganisa amafomu asayinwa abafundi esikhundleni sabazali, ukungabikho kosuku, ukungagcwaliswa kwezindawo ezimqoka, noma izimo lapho kunikezwa imvume yomzali oyedwa kuphela kanti kuqoshwe abazali bobabili ngokwemibhalo yoMnyango WezaseKhaya.
Ezimweni lapho kufakwa igama lomuntu ohlukile esicelweni, uCarrim uthe kudingeka ifomu lesitatimende (declaration form) elichaza ubudlelwano, kanti lowo muntu kufanele naye agcwalise futhi asayine ifomu lemvume.
“I-NSFAS kufanele iqinisekise imali engenayo, futhi lokhu kudala nesidingo sefomu lesitatimende uma umuntu ofakiwe esicelweni engesona umzali ngokwemibhalo yoMnyango WezaseKhaya. Ubudlelwano kufanele buchazwe,” kusho uCarrim.
Abafundi abangaphezu kuka-660 000 bathole uxhaso
Mayelana nemiphumela iyonke yezicelo zonyaka ka-2026, iNSFAS ivume izicelo eziyi-660 039 zokuxhaswa kwezimali zabafundi, kanti izicelo eziyi-85 662 zisasesigabeni sokuqinisekiswa njengoba zisalindile ithunyelwe.
Izicelo eziyi-116 266 zenqatshiwe ngenxa yokungahlangabezani nezidingo ezifanele, kanti izicelo eziyi-21 483 zinemininingwane esashoda.
Ngaphezu kwalokho, abafakizicelo bezikweletu eziyi-13 052 banikezwe izibonelelo (bursaries) ngemuva kokuhlangabezana nezidingo zokufaneleka.
Kubafundi abaqhubekayo emanyuvesi, abafundi abayi-436 924 bahlangabezane nezidingo zokuthuthuka kwezemfundo, kanti abayi-109 761 abazihlangabezananga. Abanye abafundi abayi-4 945 basenemiphumela esalindile.
“Imiphumela esalindile ingase ibangelwe izivivinyo zokwengeza. Izikhungo ziyakhuthazwa ukuthi zifake le miphumela ukuze abafundi bathole ukuqonda ngesimo sabo sokuxhaswa,” kusho uCarrim.
Imiphumela yabafundi abaqhubekayo emakolishi eTVET yamukelwe kusukela mhla ka-15 Januwari 2026 futhi yacutshungulwa zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ngemuva kokuyithola.
Kubafundi beTVET abaqhubekayo abayi-210 989, abayi-127 503 bahlangabezane nezidingo zokuthuthuka kwezemfundo, abayi-79 461 abazihlangabezananga, kanti izicelo eziyi-4 025 asaqhubeka nokubuyekezwa.
Izicelo zeziboleko ezingaphezu kuka-26 000 zamukelwe
UCarrim uphinde wanikeza isibuyekezo ngezicelo zeziboleko, eqinisekisa ukuthi zamukelwe izicelo zeziboleko eziyi-26 538.
Kulezi, izicelo eziyi-4 609 zaguqulwa zaba izibonelelo ngemuva kokuhlangabezana nezidingo; iziboleko eziyi-1 561 zavunywa, kanti izicelo eziyi-20 368 azihlangabezanga nezidingo zezemfundo noma zezimali. – SAnews.gov.za

