Abesifazane kwi-DDP Women’s Conference bafuna amandla okuthatha izinqumo, hhayi ukugcwalisa izibalo

Abesifazane ababethamele iDDP Women’s Conference 2026 Elangeni Hotel eThekwini

SHEILA MHLONGO

Abesifazane abebethamele i-DDP Women’s Conference 2026 bavumelene ngokuthi ukumelwa kwabesifazane kwezombusazwe akumele kugcine ngokugcwalisa izibalo, kodwa kufanele kuhambisane namandla okuthatha izinqumo nokuguqula izimpilo zemiphakathi.

Isikhulu seDemocracy Development Program (DDP), uMbalenhle Mkhize, sithe ingqungquthela ihlanganise abesifazane abahola emikhakheni eyahlukene ukuze kuxoxwe ngezindlela zokumisa ukwehla kokumelwa kwabo kohulumeni basekhaya.

Ngokombiko we-Commission for Gender Equality, ukumelwa kwabesifazane kohulumeni basekhaya kwehla kusuka ku-41% ngo-2016 kuya ku-37% ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.

UMkhize uthe abesifazane abakhethwa noma abaqokelwa ezikhundleni akumele babe khona ngenhloso yokugcwalisa izibalo kuphela. Kumele babambe iqhaza ekuthathweni kwezinqumo futhi banikezwe indawo ephephile yokuhola ngaphandle kokusatshiswa, ukuhlukunyezwa noma ukubukelwa phansi.

Uthe ukubekwa eceleni kwabesifazane ohlwini lwabazongenela ukhetho nokungabaniki ukwesekwa okufanele kusalokhu kuyizinkinga ezinkulu emaqenjini ezepolitiki.

USihlalo weKomidi Lezinsiza Zomphakathi kuMasipala weTheku, uKhansela ZR Sokhabase, uthe ukuba nenani elikhulu labesifazane kwezombusazwe kukodwa akwanele ukuletha uguquko.

“Isikhathi sesifikile sokuthi sisuke ekubaleni abesifazane siqale ukubala amandla abanawo. Sidinga omasipala lapho abesifazane bengagcini ngokumelwa, kodwa behlonishwa, bevikelekile futhi benikwa amandla okuhola,” kusho uSokhabase.

Uthe amakhansela esifazane kufanele athole ukuqeqeshwa, izinsiza nokwesekwa ukuze akwazi ukwenza umsebenzi wawo ngendlela efanele. Ukuba nabesifazane abaningi ezikhundleni ngeke kube nencazelo uma omasipala behluleka ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo ezibalulekile njengamanzi, ugesi, imigwaqo nenhlanzeko.

Isifundiswa sase-University of KwaZulu-Natal, uDkt Lubna Nadvi, sithe kumele kuhlolwe ithonya namandla abesifazane abanawo kunokugxila enanini lalabo abasezikhundleni kuphela. Lokhu kubalulekile njengoba omasipala abaningi bebhekene nokuphathwa budedengu kwezimali, izikweletu ezinkulu, ukushoda kwamakhono nokungahlinzekwa kahle kwezidingo.

UNadvi uthe amantombazane nabesifazane basabhekana nezithiyo ezihlanganisa izinkinga zomnotho, amasiko abandlululayo, ukuhlukunyezwa kanye nemithwalo yasekhaya evame ukubekwa phezu kwabo.

Ngesikhathi sezingxoxo zamaqembu, izithunywa zabalula ukuntuleka kwamathuba, ukungazethembi, ukubuswa yimicabango yobukhosi babesilisa, ukucindezelwa kwengqondo, ukwesatshiswa, ukuhlukunyezwa ngokocansi nokungaphephi kwamakhansela esifazane njengezinye zezithiyo ezibhekene nabesifazane.

Izithunywa zithe kwesinye isikhathi abesifazane babekwa ezikhundleni ukuze babonakale, kodwa izinqumo zangempela ziqhubeke nokuthathwa ngabesilisa. Abesifazane asebephumelele banxuswe ukuba bavulele abanye iminyango, babelane ngolwazi futhi bakhe amathuba abaholi besifazane abasakhulayo.

ULebohang Ntuli uthe ukumelwa kufanele kuhambisane nokuthuthukiswa komnotho. Abesifazane kufanele bathole imisebenzi enesithunzi, imali yokuqalisa amabhizinisi, umhlaba, ulwazi namathuba okungena ezinhlelweni zokuthengwa kwezimpahla nezinsiza zikahulumeni.

U-Evashnee Naidu weBlack Sash KwaZulu-Natal uthe izibonelelo zikahulumeni zizodwa azanele ukuqeda ubumpofu. Abesifazane basathwala kanzima ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi, ukukhuphuka kwezindleko zokuphila nokungahlinzekwa kwezidingo ngomasipala.

Ingqungquthela iphethe ngokunxusa uhulumeni, amaqembu ezepolitiki, imboni ezimele nezinhlangano zomphakathi ukuba zivikele abesifazane, zibavulele amathuba ezomnotho futhi ziqinisekise ukuthi amazwi abo anomthelela lapho kuthathwa khona izinqumo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *