URamaphosa umemezela uhlelo lwezinyathelo ezine zokulwa ne-GBVF

UMengameli Cyril Ramaphosa wezwe umemezele uhlelo lwezinyathelo ezine okuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi amacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane awabambezeleki, kodwa ayaphenywa, aphothulwe futhi abenzi bobubi babhekane nengalo yomthetho.

SHEILA MHLONGO

Ekhuluma nesizwe ngoLwesibili mhlaka 29 Septhemba  kusihlwa, uMengameli uthe uyalele uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uSolwazi Firoz Cachalia, kanye noNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uMmamoloko Kubayi, ukuba baqale umkhankaso kazwelonke wokubuyekeza nokuvuselela amacala angakaxazululwa okubulala, ukuzama ukubulala, ukudlwengula kanye namanye amacala abucayi ocansi athinta abesifazane nezingane.

Uthe kumele kube nezinhlelo eziqondile zokuvuselela amacala abekwe eqhulwini kanye nalawo asehlale isikhathi eside enganyakazi.

“Ezinsukwini ezingama-60, lokhu kuhlolwa kumele kuveze inani nobudala bamacala angakaxazululwa, amacala asalinde ubufakazi be-forensic, amacala lapho abasolwa sebetholakele kodwa bengakaboshwa, kanye namacala lapho uphenyo noma ukushushiswa kubambezeleke ngokungafanele,” kusho uMengameli.

Uhlelo lwecala ngalinye kumele lucacise ukuthi yini okusamele yenziwe, isikhulu esibhekele lowo msebenzi kanye nomnqamulajuqu wokuthi icala liqhubekele phambili.

1. Ukusheshiswa kwamacala e-GBVF

UMengameli uthe amacala abalulekile odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ikakhulukazi ukubulala, ukuzama ukubulala, ukudlwengula namanye amacala abucayi ocansi, kumele ahlolwe ukuze kubonakale ukuthi yini ebambezele uphenyo noma ukushushiswa kwawo.

2. Ukunciphisa ukubambezeleka kobufakazi be-forensic

URamaphosa uphinde wayalela uNgqongqoshe Cachalia, uKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke obambile uLieutenant General Puleng Dimpane kanye neziphathimandla ezifanele ze-forensic ukuba, zingakapheli izinsuku ezingama-60, bethule uhlelo oluxhaswe ngezimali lokunciphisa ukunqwabelana komsebenzi we-forensic.

Uhlelo kumele luveze ubukhulu nobudala bamacala asalindile, ukushoda kwabasebenzi nemishini, izinsiza ezidingekayo kanye nezinsuku okuhloswe ukuthi lokhu kunqwabelana komsebenzi kube sekuncishisiwe ngazo.

Amasampula e-forensic abalulekile emacaleni okudlwengulwa noma okubulawa kwabesifazane nezingane kumele abekwe eqhulwini ukuze acutshungulwe ngokushesha.

Inqubekela phambili kumele ibikwe emphakathini njalo ngekota.

3. Omasipala kumele bahlole izindawo eziyingozi kwabesifazane

UMengameli umemezele ukuthi bonke omasipala kumele baqale ngokushesha ukuhlola ukuphepha kwabesifazane ezindaweni zabo.

Ngokubambisana nohulumeni bezifundazwe namaphoyisa, kumele kuhlonzwe izindawo ezisengozini enkulu.

Ezinsukwini ezingama-60, lokhu kuhlolwa kumele kuveze phakathi kokunye izibani zasemigwaqweni ezingasebenzi, izindawo zomphakathi ezikhule kakhulu utshani nezihlahla, izakhiwo ezilahliwe, imizila yezokuthutha engaphephile, amapaki angavikelekile nezinye izimo ezingabeka abesifazane engcupheni.

“Ezinsukwini ezingama-90 emva kokuphothulwa kwalolu hlolo, izingozi eziphuthuma kakhulu kumele zibe sezilungisiwe noma zifakwe ohlelweni lokuqaliswa olunoxhaso lwezimali kanye nezinsuku ezicacile zokuphothulwa komsebenzi,” kusho uMengameli.

4. Ukubhekana nodlame oluhlobene nokusetshenziswa kotshwala ngendlela eyingozi

UMengameli uphinde wayalela uNgqongqoshe wezokuHweba, iziMboni nokuNcintisana, uParks Tau, ukuba ngokubambisana noNgqongqoshe bezempilo, ezokuThuthukiswa koMphakathi, amaPhoyisa kanye nokuBusa ngokuBambisana, bethule kwiKhabhinethi zingakapheli izinsuku ezingama-60 uhlelo oludidiyelwe lwezomthetho nokuphoqelelwa kwawo oluhlose ukunciphisa udlame oluhlobene nokusetshenziswa kotshwala ngendlela eyingozi.

“Utshwala abubangeli udlame olubhekiswe kwabobulili futhi abusoze baba yizaba zalo. Isibopho sihlala sikulowo owenza udlame. Kodwa ukusetshenziswa kotshwala ngendlela eyingozi kuyisici esikhulu esandisa udlame phakathi kwabantu, ngakho kumele kubhekwane nakho njengengxenye yemizamo yethu yokuvimbela udlame,” kusho uRamaphosa.

Uthe abesifazane akufanele baphile ngokwesaba ngenxa yokuthi uhulumeni wehlulekile ukulungisa isibani, ukuhlanza indawo yomphakathi, ukucubungula ubufakazi noma ukuphoqelela umthetho.

Imibiko yenqubekela phambili

IKomidi loNgqongqoshe kanye neNational Council on Gender-Based Violence and Femicide bazobheka ukuqaliswa kwalezi zinyathelo futhi bakhiphe imibiko yomphakathi ehlanganisiwe njalo ngekota.

UMengameli uthe umbiko wokuqala ohlanganisiwe kumele ukhishwe zingakapheli izinsuku ezingama-90, bese kulandela imibiko yenqubekela phambili njalo ngekota.

Ugcizelele ukuthi lezi ziqondiso “akusona nje isitatimende sezinhloso ezinhle”, kodwa zibeka ngokucacile izibopho, iminqamulajuqu kanye nesidingo sokubika njalo esizweni.

Lezi zinyathelo zisekela ukusheshiswa kokuqaliswa kwezinsika ezibalulekile zeNational Strategic Plan on Gender-Based Violence and Femicide.

Ukuvimbela udlame kumele kuqale ekhaya

URamaphosa uthe imithetho eqinile, izinsiza ezengeziwe kanye nokwandiswa kwamaphoyisa kukodwa ngeke kuqede udlame olubhekiswe kwabesifazane.

Uthe kumele kubhekwane nemibono ebukela phansi abesifazane kanye nenkolelo yokuthi owesilisa unelungelo lokulawula owesifazane.

“Kuqala lapho owesilisa enqaba ukwamukela ukuthi cha kusho cha. Kumele sibhekane neqiniso elibuhlungu lokuthi indawo enkulu lapho kwenzeka khona i-GBV isemakhaya nasebudlelwaneni phakathi kwabantu,” kusho uMengameli.

Ucwaningo lukazwelonke lweSouth African Medical Research Council lwathola ukuthi ngaphezu kuka-60% wabesifazane ababulawa ngo-2021 nango-2022 babulawa ngabantu ababesondelene nabo kwezothando.

UMengameli uthe ukuvimbela udlame olubhekiswe kwabesifazane kumele kuqale ekhaya, ngendlela abafana abakhuliswa ngayo kanye nalokho abakufundayo ngamantombazane, intukuthelo, ukwaliwa kanye nemvume.

Uthe isikhathi eside i-GBV ibithathwa njengenkinga okufanele ixazululwe ngabesifazane.

“Lokho kumele kushintshe,” kusho uRamaphosa.

Uthe inkululeko ethenjiswa nguMthethosisekelo ayikwazi ukuba yinkululeko amadoda ayijabulela ngokugcwele kuyilapho abesifazane beyijabulela ngokwesaba nangokuqapha.

“Sekuyisikhathi sokuthi amadoda alungile ayeke ukuthula,” kusho uMengameli, encoma amadoda aseNingizimu Afrika asevele ekhuluma ngokumelene nodlame olubhekiswe kwabesifazane, okubalwa kuwo uSiya Kolisi noTemba Bavuma.

UMengameli uphinde wayalela uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko ukuba aqinise umsebenzi weMoral Regeneration Movement ukuze ibe neqhaza elibonakalayo ekuguquleni imicabango, izinkambiso zomphakathi kanye nemikhuba evumela udlame olubhekiswe kwabesifazane.

Uphinde wancoma umsebenzi wezinhlangano zezenkolo, izinhlangano zomphakathi, izinhlangano zabesifazane nentsha, izikhungo zemfundo, abaholi bendabuko kanye nezinye izinhlaka ezilwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nsuku zonke.

Umthombo: SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *