
UGretchen Minnaar, oyi-Service Manager: Psychosocial Support kwa-CANSA, uthi ukuxilongwa kanye nokwelashwa komdlavuza kungagcina sekumboze indlela isiguli esizibona ngayo.
Inhlangano elwa nomdlavuza eNingizimu Afrika, i-Cancer Association of South Africa (CANSA), iqwashisa ngomdlavuza webele, owawuvame ukutholakala kakhulu kwabesifazane abaneminyaka engaphezu kuka-50, kodwa manje osutholakala nakwabesifazane abaningi abaseminyakeni yama-30 ngisho nasekupheleni kweminyaka yama-20.
Umdlavuza webele uwuhlobo lomdlavuza oluvame kakhulu kwabesifazane baseNingizimu Afrika uma kubhekwa zonke izinhlanga zihlangene, kanti ngokwe-National Cancer Registry ka-2024, owesifazane oyedwa kwabangu-28 usengcupheni yokuba nalo mdlavuza esikhathini sokuphila kwakhe.
Ngaphandle kokugcizelela ukubaluleka kokwazi izimpawu zomdlavuza webele kanye nokuhlolwa njalo, ikakhulukazi kwabesifazane abasebasha, kubalulekile futhi ukuqonda ukuthi owesifazane ungaphezu kokuxilongwa kwakhe ngomdlavuza.
UGretchen Minnaar, oyi-Service Manager: Psychosocial Support kwa-CANSA, uthi ukuxilongwa kanye nokwelashwa komdlavuza kungagcina sekumboze indlela isiguli esizibona ngayo.
“Ukuxilongwa nokwelashwa kungathatha indawo enkulu empilweni yesiguli kuze kube sengathi sesizibona ngokugula kwaso kuphela, esikhundleni sokuzibona ngamandla aso, ubudlelwano baso nabanye kanye nendima yaso empilweni. Ukucindezeleka ngokozwelo okubangelwa yilokhu kungathinta izinga lempilo kanye nendlela isiguli esibhekana ngayo nokwelashwa. Kubalulekile ukuhlinzeka abesifazane ngokwesekwa okuqhubekayo ngokozwelo ukuze bangalahlekelwa wukuzazi ngesikhathi sokwelashwa,” kusho uMinnaar.
Uqhuba athi ukuphola akusho ukwelapha isifo noma umzimba kuphela.
“Kubalulekile ukuthi abesifazane bafunde ukuphinde bazithole futhi bazixhumanise ngokubonas kwabo ngemuva kokuhlukumezeka okubangelwa ukuxilongwa kanye nokwelashwa komdlavuza. I-CANSA ihlinzeka ngokwesekwa ngokozwelo kanye nendawo ephephile yabesifazane ngohlelo lwayo lokwelulekwa ngocingo noma nge-inthanethi, i-Tele/Virtual Counselling.”
Abeluleki balolu hlelo bangosonhlalakahle abaqeqeshiwe, kanti ukwelulekwa kutholakala mahhala ngezilimi eziningi zaseNingizimu Afrika. Amaqembu okweseka ahlangana ubuso nobuso noma asebenzisa i-WhatsApp ne-Facebook nawo anikeza abesifazane ithuba lokwabelana ngezinto ababhekene nazo nokufunda komunye nomunye ngesikhathi bezama ukwamukela umthelela womdlavuza ezimpilweni zabo.
URagini Natanjee, owasinda emdlavuzeni, uchaza okwenzeka kuye kanje:
“Impilo kwesinye isikhathi ibhala kabusha izindaba zethu ngaphandle kokusicela imvume. Izahluko ebesizihlele ngokucophelela futhi sazicabanga zingavele zinyamalale, esikhundleni sazo kuvele lezo ebesingakaze silindele ukuzifunda… Ukuxilongwa kwami kwashintsha impilo yami. Ukuhlinzwa kwangishiya nezibazi engingazithinta ngeminwe, kanye nezinye izibazi ezingabonwa muntu.”
Ukuphinde uzithole ngemuva kokuxilongwa ngomdlavuza
Kunezindlela ezingasiza umuntu ukuba aphinde azizwe enguye futhi abone injongo empilweni yakhe. Kubalulekile ukuzivumela ukuba uzwe imizwa yakho ngaphandle kokuzigxeka; wenze izinto ezikulethela injabulo; ugxile ezintweni ongakwazi ukuzilawula; futhi wenze lokho okwaziyo ukukwenza ngaleso sikhathi.
Kubalulekile nokuba nomusa kuwe, uphumule futhi wamukele usizo uma uludinga. Hlala uxhumene nabanye noma ufune ukwesekwa uma uzizwa unesizungu, futhi uzibekele imigomo yempilo engahlangene nomdlavuza.
Yazi Izimpawu Zomdlavuza Webele
Umdlavuza webele osesigabeni sokuqala ungase ungabi nazo izimpawu ezibonakalayo. Yingakho ukuhlolwa njalo kubaluleke kakhulu. Uma izimpawu sezivela, zingabandakanya:
- Isigaxa ebeleni: Isigaxa esisha, esivamise ukungabi buhlungu futhi sibe lukhuni, ebeleni noma ngaphansi kwekhwapha.
- Ukushintsha kwesikhumba: Isikhumba sebele singaba nezimbotshana ezifana nekhasi lewolintshi, sishwabane, sibe bomvu noma sixebuke.
- Ukushintsha kwengono: Ingono ingangena ngaphakathi, ibe bomvu, ibe noqweqwe noma kuphume uketshezi olungajwayelekile olungelona ubisi lwebele, kwesinye isikhathi lube negazi.
- Ukushintsha kwesimo noma ubukhulu: Noma yiluphi ushintsho olungachazeki kubukhulu, esimweni noma ekubukekeni kwebele.
- Ubuhlungu obungapheli: Ubuhlungu endaweni ethile yebele noma ngaphansi kwekhwapha obungapheli.
Ukuhlolwa Okunconywa yi-CANSA
Ukuzihlola Amabele – Breast Self-Examination (BSE)
Abesifazane bayelulekwa ukuba bazihlole amabele njalo ngenyanga ukuze bazi ukuthi yini ejwayelekile emizimbeni yabo. Bheka noma yiluphi ushintsho futhi wazi izimpawu eziyisixwayiso. Uma kukhona okukukhathazayo, hlela ukuhlolwa ngumhlengikazi.
Ukuhlolwa Kwamabele Ngumsebenzi Wezempilo – Clinical Breast Examination (CBE)
I-CANSA ihlinzeka ngokuhlolwa kwamabele okungabizi kakhulu ezikhungweni zayo, i-CANSA Care Centres, ukuze kutholakale noma yiziphi izinguquko ezingajwayelekile.
Iziguli ezine-medical aid zingafaka isicelo sokubuyiselwa imali yi-medical aid yazo ngemuva kokukhokhela ukuhlolwa, kuye ngemihlomulo yazo. Imitholampilo kahulumeni nayo ihlinzeka ngokuhlolwa kwamabele mahhala.
Kunconywa ukuthi owesifazane ahlolwe amabele ngumsebenzi wezempilo kanye ngonyaka.
Ama-Mammogram
Abesifazane bangahlolwa emitholampilo yamabele ezibhedlela zikahulumeni uma benencwadi yokudluliselwa khona evela kuchwepheshe wezempilo noma kumhlengikazi wakwa-CANSA.
Bangaxhumana futhi ne-Radiological Society of South Africa (RSSA) ukuze bahlele ukuhlolwa nge-mammogram.
I-CANSA incoma ukuthi:
- Bonke abesifazane abaneminyaka engu-40 kuya phezulu benze i-mammogram minyaka yonke ngenhloso yokuhlola umdlavuza webele noma bengenazo izimpawu.
- Abesifazane abaneminyaka engu-55 kuya phezulu bangashintshela ekwenzeni i-mammogram njalo eminyakeni emibili, noma bakhethe ukuqhubeka nokuyenza minyaka yonke.
- Owesifazane onesihlobo esiseduze sowesifazane esake saxilongwa ngomdlavuza webele kufanele aqale ukwenza i-mammogram eminyakeni eyi-10 ngaphambi kweminyaka isihlobo sakhe esasinaso ngesikhathi sitholakala sinomdlavuza webele.
UMinnaar uphetha ngokuthi:
“Owesifazane ngamunye ungumuntu ohlukile futhi oyigugu. Umdlavuza awukushintshi lokho. Masikhumbuze abesifazane ababhekene nomdlavuza ukuthi ukubaluleka kwabo akukashintshi.”
Ulwazi Nokwesekwa yi-CANSA
Ukuze uthole olunye ulwazi, ungaxhumana noLucy Balona, oyi-Head: Marketing and Communication kwa-CANSA, nge-imeyili ethi lbalona@cansa.org.za, ngocingo ku-011 616 7662 noma kumakhalekhukhwini ku-082 459 5230.
Ungavakashela iwebhusayithi ye-CANSA ethi www.cansa.org.za, uxhumane ne-CANSA Care Centre eseduze nawe noma ushayele inombolo yamahhala ethi 0800 22 66 22. I-imeyili yi-info@cansa.org.za.
I-CANSA iphinde ihlinzeke ngokwesekwa nge-WhatsApp ngezilimi ezahlukene:
072 197 9305 – English ne-Afrikaans
071 867 3530 – isiXhosa, isiZulu, siSwati, Sesotho neSetswana.
Ukwelulekwa kwamahhala ngocingo, i-Tele Counselling, nakho kuyatholakala ngokwenza i-aphoyintimenti ku-0800 22 66 22 nge-English, Afrikaans, isiXhosa, isiZulu, siSwati, Sesotho neSetswana.
Umthombo: Cancer Association of South Africa (CANSA)

