INingizimu Afrika ifuna ukuhola uhlelo lwe-AI, hhayi ukuba ngumsebenzisi wayo kuphela

UMengameli Cyril Ramaphosa uthe iNingizimu Afrika ayifuni ukugcina ngokuba ngumsebenzisi wobuchwepheshe be-AI obuthuthukiswa ngamanye amazwe kuphela–

INingizimu Afrika izibeka ethubeni lokuba yingxenye ebalulekile yenguquko yomhlaba wonke kwezobuchwepheshe bobuhlakani bokuzenzela (Artificial Intelligence – AI), ngenhloso yokusebenzisa lobu buchwepheshe ukuheha abatshalizimali, ukudala amathuba emisebenzi kanye nokuqinisa ikhono lezwe lokuncintisana kwezomnotho.

UMengameli Cyril Ramaphosa uthe iNingizimu Afrika ayifuni ukugcina ngokuba ngumsebenzisi wobuchwepheshe be-AI obuthuthukiswa ngamanye amazwe kuphela, kodwa ifuna ukubamba iqhaza ekwakheni nasekunqumeni ikusasa lalo mkhakha okhula ngesivinini esikhulu.

“Sifuna ukuba yingxenye yale nguquko eyenzekayo, siphinde sibambe iqhaza ekuyakheni. Yingakho ngize nabafundi abangama-27 asebephothule iziqu zasenyuvesi futhi abanolwazi olunzulu nge-AI, kanye nezinkampani zobuchwepheshe ezisafufusa zaseNingizimu Afrika ezingaba ngama-24,” kusho uRamaphosa.

UMengameli ubekhuluma ngesikhathi enengxoxo noJonathan Karl, oyintatheli enkulu ye-ABC News ebika ngezindaba zaseWashington, eSilicon Valley, eCalifornia.

URamaphosa uhola ithimba laseNingizimu Afrika elihlanganisa izinhlaka ezahlukene, elivakashele e-United States of America ohambweni olusezingeni eliphezulu oluqale mhla ziyi-15 noluzophela mhla zingama-21 kuNovemba 2026.

Leli thimba linabantu baseNingizimu Afrika abalinganiselwa kuma-300, abavela kuhulumeni, emabhizinisini, ezikhungweni zemfundo ephakeme, ezikhungweni zocwaningo nasemkhakheni wezobuchwepheshe.

Inhloso yalolu hambo ukuhlangana nabaholi bezinkampani ezinkulu zobuchwepheshe emhlabeni, ukwabelana ngolwazi kanye nokuhlola amathuba okutshalwa kwezimali nokwakha ubudlelwano bokusebenzisana.

Lolu hambo luhlose nokuqinisa amakhono eNingizimu Afrika kwezobuchwepheshe nokwenza izwe libe ngesinye sezikhungo ezihamba phambili kwezobuhlakani bokuzenzela ezwenikazi lase-Afrika.

ININGIZIMU AFRIKA IFUNA UKUZAKHELA UBUCHWEPHESHE BAYO

UMengameli Ramaphosa uthe ithimba laseNingizimu Afrika lisohambweni lokufunda nokuthola ulwazi olunzulu ngobuchwepheshe be-AI, izindlela obungasetshenziswa ngazo kanye namathuba obungawaletha ekuthuthukiseni umnotho wezwe.

“Sisohambweni lokuthola ulwazi nokuqonda ukuthi buyini ubuhlakani bokuzenzela nokuthi lobu buchwepheshe bubheke kuphi. Silapha futhi ngoba asifuni ukugcina ngokuba ngabathengi nabasebenzisi balobu buchwepheshe kuphela,” kusho uRamaphosa.

Ugcizelele ukuthi i-AI kufanele isetshenziselwe ukukhulisa umnotho, ukuthuthukisa imfundo, ukunakekelwa kwezempilo, ezolimo kanye nokwandisa ukukhiqiza emikhakheni ehlukahlukene.

UMengameli uthe kubaluleke kakhulu ukuqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa kobuhlakani bokuzenzela kuholela ekudalweni kwamathuba emisebenzi, kunokuba kubangele ukulahleka kwayo.

“Asifuni ubuhlakani bokuzenzela obuzoqeda imisebenzi. Sivame ukubona ubungozi obukhona kulobu buchwepheshe njengobungase buholele ekulahlekeni kwemisebenzi. Sifuna i-AI ibe yinguquko ezosisiza ukudala amathuba emisebenzi amaningi, ithuthukise imfundo, umnotho, ezempilo, ezolimo kanye neminye imikhakha, iphinde yandise ukukhiqiza ezweni lethu,” kusho uRamaphosa.

Uthe iNingizimu Afrika izimisele ukwamukela nokusebenzisa lobu buchwepheshe ukuze izwekazi lase-Afrika lingasaleli emuva ngesikhathi umhlaba uqhubeka nokuguquka kwezobuchwepheshe.

ININGIZIMU AFRIKA ISINGENYE YEZIKHUNGO EZINKULU ZOKUGCINA IMINININGWANE E-AFRIKA

Ekhuluma ngokwanda kwezikhungo zokugcina nokucubungula imininingwane (data centres) eNingizimu Afrika, uRamaphosa uthe izwe seliyindawo ebalulekile ekwakhiweni kwengqalasizinda esekela ukuthuthukiswa kobuchwepheshe be-AI.

Uveze ukuthi cishe u-70% wezikhungo zokugcina nokucubungula imininingwane ezakhiwe ezwenikazi lase-Afrika zitholakala eNingizimu Afrika.

“Sinezinkampani eziningi zaseMelika esezakhe izikhungo zokugcina nokucubungula imininingwane eNingizimu Afrika, kanti nezinkampani zakuleli seziqalile ukwenza okufanayo. Manje sesiyikhaya lezikhungo ezicishe zibe ngu-70% zalezo ezakhiwe ezwenikazi lase-Afrika,” kusho uRamaphosa.

UMengameli uthe lokhu kunikeza iNingizimu Afrika ithuba lokubamba iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni nasekusebenziseni ubuchwepheshe be-AI, ngesikhathi kuqinisekiswa ukuthi lobu buchwepheshe buzuzisa nomnotho wakuleli.

Ugcizelele ukuthi lezi zikhungo akufanele zigcine ngokuba yizindawo zokugcina imininingwane evela emazweni ahlukahlukene kuphela, kodwa kufanele zisetshenziselwe ukufeza izinhloso zentuthuko yaseNingizimu Afrika.

URAMAPHOSA UHLANGANA NEZINKAMPANI EZINKULU ZOBUCHWEPHESHE

Uhambo lukaMengameli eSilicon Valley lubandakanya imihlangano nezinkampani ezinkulu zobuchwepheshe, okuhlanganisa iMicrosoft, abatshalizimali kanye namabhizinisi amasha asebenza kwezobuchwepheshe.

URamaphosa uthe ithimba laseNingizimu Afrika lifuna ukwakha ubudlelwano bokusebenzisana obuzosiza ukuthuthukisa ubuchwepheshe bedijithali kanye ne-AI kuleli.

“Sizohlangana nabatshalizimali nezinkampani. Silethe nezinkampani zobuchwepheshe ezisafufusa ngoba sifuna zakhe ubudlelwano bokusebenzisana obuzothuthukisa ubuchwepheshe bedijithali kanye nobuhlakani bokuzenzela eNingizimu Afrika,” kusho uRamaphosa.

Leli thimba lihlanganisa oNgqongqoshe beminyango ebalulekile kahulumeni, okuhlanganisa owezeziMali kanye nowezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.

Kukhona nabafundi asebephothule iziqu zasenyuvesi kanye nabamele amabhizinisi aseNingizimu Afrika.

Izingxoxo zizophinde zigxile ekukhuthazeni izinkampani eziningi zaseMelika ukuba zitshale izimali eNingizimu Afrika.

Njengamanje, kunezinkampani zaseMelika ezilinganiselwa kuma-600 esezivele zisebenza eNingizimu Afrika.

UMengameli uthe inhloso ukwakha ubudlelwano bezomnotho obuzohlomulisa womabili amazwe futhi busekele ukukhula komnotho.

KUDINGEKA IMITHETHO EQINILE YOKULAWULA UBUHLAKANI BOKUZENZELA

Nakuba uRamaphosa egcizelele amathuba amaningi alethwa ubuchwepheshe be-AI, uphinde waxwayisa ngobungozi obungavela uma lobu buchwepheshe busebenza ngaphandle kokulawulwa ngabantu.

Uthe iNingizimu Afrika iyakweseka ukusungulwa kwezinhlaka zokulawula kanye nemithetho yokuphepha yamazwe omhlaba ukuze kuqinisekiswe ukuthi ubuhlakani bokuzenzela buhlala bungaphansi kokulawulwa futhi busebenzela inzuzo yesintu.

Ephendula umbuzo ngobungozi obungase bulethe i-AI, uRamaphosa uthe iNingizimu Afrika ikhathazekile ngokuthi lobu buchwepheshe bungagcina sebusebenza ngaphandle kokulawulwa ngabantu.

Uthe lolu daba wake waluphakamisa nasemhlanganweni wamazwe eBRICS owawubanjelwe eNdiya.

“Akufanele sibe nekusasa lobuhlakani bokuzenzela lapho isintu sizoba yisisulu, khona ubuchwepheshe bungasalawulwa nhlobo ngabantu. Ngakho-ke siyavumelana nokuthi kufanele kube khona izindlela zokulawula. Kufanele sithole indlela yokuvumelana ngemithetho nemingcele yokuphepha,” kusho uRamaphosa.

Uphinde waxwayisa ngezingozi ezingase zivele ekuthuthukisweni kwezikhali ezizisebenzelayo, ezingakwazi ukwenza izinqumo ngaphandle kokulawulwa umuntu ngokuqondile.

UMengameli ugcizelele ukuthi intuthuko yezobuchwepheshe kufanele ihambisane nokuvikelwa kwezimpilo zabantu, amalungelo abo kanye nokuphepha komphakathi.

UHAMBO LWASESILICON VALLEY LUHLOSE UKUKHULISA UMNOTHO WEDIJITHALI

Uhambo lukaRamaphosa eSilicon Valley luyingxenye yemizamo ebanzi kahulumeni yokuqinisa ubudlelwano namazwe omhlaba, ukuheha abatshalizimali kanye nokuthuthukisa amakhono adingekayo ukuze iNingizimu Afrika ibambe iqhaza elibonakalayo emnothweni wedijithali.

Uhulumeni uhlose ukuqinisekisa ukuthi intsha yaseNingizimu Afrika, izikhungo zemfundo, ososayensi, abacwaningi kanye namabhizinisi bayakwazi ukusebenzisa amathuba avela ekukhuleni kobuchwepheshe be-AI.

Lokhu kuhloswe ngakho ukwakha umnotho oqinile, ukuthuthukisa ukukhiqiza kanye nokwenza iNingizimu Afrika ibe yizwe elikwazi ukuncintisana emhlabeni wezobuchwepheshe.

Umthombo: SAnews.gov.za – 17 Novemba 2026

UMBUZO KUBAFUNDI BE-KZN NAMUHLA

Njengoba iNingizimu Afrika ihlela ukusebenzisa ubuchwepheshe bobuhlakani bokuzenzela (AI) ukudala amathuba emisebenzi nokuthuthukisa umnotho, ngabe nicabanga ukuthi lobu buchwepheshe buzovulela intsha amathuba amasha emisebenzi noma buzoholela ekutheni eminye imisebenzi iphele?

Sithanda ukuzwa imibono yenu, ikakhulukazi eyentsha, osomabhizinisi, othisha kanye nabasebenzi abasebenzisa ubuchwepheshe emisebenzini yabo.

IKZN Namuhla – Izwi Lomphakathi.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *