UMoses Dimba ucela umphakathi umuvotele

UMoses Dimba (28) odabuka KwaZulu kodwa otholakala ePietermaritzburg kwaSwayimane ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo wokholo efunda ibanga leshumi(Grade12) ngonyaka ka2017.

Ezikhulumela ngokwakhe nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe: “Uhambo lwami alulude endimeni yomculo weGospel kodwa ngamandla kaThixo sengike ngakwazi ukungena eStudio ngakhipha i-Album esihloko esithi: ALIKHO IGAMA okuyiyona engazazisa ngayo ebantwini nabayijabulela kakhulu. Engingakusho abantu abebengakayilaleli abenze isiqiniseko sokuthi bayayithola ngoba ngingakusho nje ngingananazi ukuthi umculo wami uyabusisa kakhulu emphefumulweni” kusho  Dimba.

Uphinde wadalula ukuthi uyathanda ukuthi abantu bazi ukuthi kunomncintiswano awungenele  lapho kuzokhethwa khona iTop10 ngakho uyacela ukuthi abantu bameseke ngokuthi bamuvotele, kuvotwa kanje ubhala ukuthi Bhut Dimba Gospel uthumelele kule nombolo 47439 kanti umuntu angavota noma izikhawu ezingaki, ukuvota kuyoze kuvalwe ngoMhlaka 30 Juni 2023. Uphethe inkulumo yakhe ngokuthi angabonga kakhulu uma engathola uxhaso uyazazi akalutho ngaphandle komphakathi aphila nawo.

Uma ufisa ukuxhumana noMoses ungashayela kule nombolo: 0605558413 noma uWhatsapp le: 0673459937 noma umulandele enkundleni yezokuxhumana Facebook: Nkundlase Mabhala Ngozipho.