USanelisiwe Radebe uhamba ngesihlala esinamasondo  uthi uhulumeni kumele akhe amabhilidi abe nendlela yokungena kalula abakhubazekile

USanelisiwe Radebe (38) okhubazekile ohamba ngesihlalo esinamasondo, ohlala eSouth Beach, kuyena inyanga yokuhlonipha amalungelo abakhubazekile iyazifanela njena nezinye izikhathi. Uthi angathanda ukubona umphakathi ongakhubazekile ubeseka kodwa futhi ubahloniphe ungabadabukeli.

Uhulumeni kungakuhle ukuthi alalele izikhalo zabo mayelana nezidingo ezifana nokwakha amabhilidi anezinto ezikwazi ukuthi bangene kalula kuzona njengoba bekhubazekile ngokwehlukana kwabo.

Ephetha uthi ukukhubazeka akusona isifo futhi akuthelelani, ngakho abantu abahlukane nokubacwasa kodwa babeseke. Sanelisiwe Radebe Contacts: 082 577 6330

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *