Amaqembu ehlukene ezepolitiki azibophezele okhethweni olukhululekile futhi olunokuthula.
Njengoba kulungiselelwa ukhetho lukazwelonke kanye nolwezifundazwe oluzoba ngomhlaka 29 Meyi 2024, amaqembu ezepolitiki nawo azibophezele ukuthi azobambisana nekhomishana eyengamele ukhetho kuleli Independent Electoral Commission (IEC) ukuqinisekisa ukuthi ukhetho luba olukhululekile futhi kube nokuhloniphana phakathi kwawo amaqembu. Umhlangano ububanjelwe KwaNongoma ngeviki eledlule.
IZITHOMBE ZILUXOXA KAHLE UDABA