SHEILA MHLONGO
Umholi weDemocratic Alliance (DA), uJohn Steenhuisen, uthi akukho qhaza angalibamba ekuqokweni kuka uHelen Zille, ongusihlalo webhodi kazwelonke weqembu,njengoba engenela umqhudelwano wesikhundla sokuba yimeya yaseJohannesburg.
Ekhuluma eseKapa, uSteenhuisen uthe isinqumo sokuthi uZille aqokelwe lesi sikhundla sizothathwa yikomidi elikhethekile, okungelona elakhe.
Uthe iqembu selivele limemezele igama lozongenela umqhudelwano wesikhundla sobuMeya eNelson Mandela Bay, kanti maduze kuzomenyezelwa amanye amagama abaqokelwe amanye amadolobha amakhulu njengoba seliqalile imikhankaso yokhetho lohulumeni basekhaya.
Ukuzwakala kwegama likaZille njengongase abe yimeya yaseGoli sekudale umsindo, kodwa uSteenhuisen uthe naye kuzomele aqhudelane nabanye abantu abafisa ukuthola lesikhundla.
Yize abanye becabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi uZille athathe umhlalaphansi kwezepolitiki, njengoba wabe eyiMeya yaseKapa futhi eyiphini likaNdunankulu waseNtshonalanga Kapa, usacabanga ukuzibophezela ekuxazululeni izinkinga zaseGoli.
Uqhubeke wathi:
“Iqembu ngeke liqinisekise muntu ngaphambi kokuba inqubo iphelele. Inqubo ivulekile futhi ilungile. Ngokwazi kwami kunezimbangi ezintathu. Ikhansili yokukhetha izohlangana maduze. Abafake izicelo KUzoxoxwa nabo. Kuzomele bachaze ukuthi bazoyiguqula kanjani iJohannesburg. Futhi bazophendula imibuzo ethile.”
UStreenhuisen ukholelwa ukuthi ukujoyina kwe-DA kuhulumeni wobumbano kazwelonke sekuguqule isithombe seqembu futhi kuzolithuthukisa ithuba lalo lokuba yinqaba emadolobheni amaningi.
“Sihlela ukuthatha iGoli neTshwane. Ngicabanga ukuthi abavoti sebebona kahle manje ukuthi ukuhlukanisa ivoti phakathi kwamaqembu amancane kuholele odabeni oluhlale luphindaphindeka eGoli.”
UStreenhuisen yena akakasenzi isinqumo sokuthi uzofuna yini ukuhola iqembu lakhe okhethweni oluzayo, njengoba iqembu lizokhetha umholi omusha ngo-Ephreli.

