SHEILA MHLONGO
NgoJulayi, iKwaZulu-Natal ibungaza iNyanga YamaFilimu ngokugubha impumelelo enkulu embonini yamafilimu. Ngokwe-KZN Tourism and Film Authority (KZNTAFA) njengoba ikhiphe isitatimende lapho imemezela ukuthi abenzi bamafilimu abayisithupha abaxhasiwe baqokwe kumaSimon Mabhunu Sabela Film and Television Awards ka-2025, azoba mhla ka-19 Julayi eThekwini.

Laba abaqokiwe bagqamisa amakhono ehlukene asezingeni eliphezulu kwezobuciko embonini yamafilimu esifundazweni saKwaZulu-Natali, futhi aqinisekisa ukukhula nempumelelo kwezamafilimu kanye nakumabonakude lokhu kubonakala ngokutshalwa kwezimali kulendima yezobuciko.
Amafilimu Aqokiwe:
- Sent: IBest Newcomer Actress (Anele Cele noDineo Nxumalo), neBest Short Film.
- Disaster Holiday: IBest Production Design, Best Pan African Film, Best Feature Film, neBest Use of KZN.
- Cotton Dreams: IBest Production Design neBest Short Film.
- Lottery Love: IBest Production Design neBest Screenplay.
- Masinga the Calling: IBest Supporting Actor, Best Screenplay, Best Director, Best Feature Film.
- Greytown Girl: IBest Supporting Actress (Linda Sokhulu).
Izinhlelo Ezinkulu ngoJulayi:
- Durban International Film Festival (DIFF)
- Simon Mabhunu Sabela Awards
- Durban FilmMart
Lezinhlelo ziqhakambisa iKZN njengendawo eqavile kwezokudala e-Afrika.

IKwaZulu-Natali njengendawo ebalulekile yezobuciko:
UMnu. Sibusiso Gumbi, oyi-Acting CEO yeKZNTAFA, uthe le mpumelelo ibonisa ukuthi izimali zomphakathi zingavuselela amakhono amasha nezindaba eziyiqiniso. Ubalule ukuthi amafilimu adala imisebenzi, akhuthaza ezokuvakasha futhi asekele osomabhizinisi abancane.
I-KZN manje inezinkampani zokukhiqiza ezingaphezu kuka-150, inabalingisi abavela emiphakathini eyehlukahlukene futhi inengqalasizinda esezingeni lomhlaba.
Okushiwo abenzi bamaFilimu:
- Rethabile Ramaphakela (Disaster Holiday): Ujabule ngenxa yokuhlonishwa kwakhe njengomqondisi wesifazane omnyama.
- Jacintha de Nobrega (Lottery Love): Uthe uxhaso luphakamise izinga lefimu.
- Rani Sitaram (Greytown Girl): Ukuxhaswa kwenze kwabalula ukukhiqiza ifilimu esezingeni lomhlaba.
- Ayanda Haliman (Sent): Uthi ubehlose ukukhombisa uhlangothi oluqhakambisa impilo enhle esikhundleni sokubonisa isimo esivame ukukhonjiswa njengesihlwempu.
- Lisa Pyanee (Cotton Dreams): Le filimu ibimqhakambisile njengomkhiqizi omusha.
- Mark Engels (Masinga the Calling): Uthe ukuwina kuzoba yindlela yokukhumbula uSimon Sabela.
Isiphetho:
Ukuqokwa kwalamafilimu kwenza iKwaZulu-Natal iqhakambise ubuchule bayo kudale amathuba omnotho futhi kukhuphule isithunzi sayo emhlabeni jikelele.


