Abe FIFA bagculisekile ngenqubekela phambili ye-SAFA

Izazi ze-FIFA’s Talent Development (TDS) zivakashele ikomkhulu le-SAFA eGoli ngesonto eledlule ukuze njengoba liqhubeka uhlelo lokuthuthukisa iNingizimu Africa. “Sisebenze kakhulu ohlelweni lwamasu kuleli sonto saphinde sabheka ukuthi iSafa ingayithola kanjani imali ephuma kuFIFA emzuliswaneni olandelayo. Siphinde senza izincomo kuSafa ukuthi indlela engcono yokuthi izwe lithuthuke ebholeni lomhlaba wukuthi zonke izinhlaka zisebenzisane,” kusho ungoti we-Fifa High Performance u-Abdul-Faisal Chibsah.  

Continue reading

Isiqinisekisiwe imininingwane ye-Nedbank Cup semi-finals

INedbank Cup isiyiqinisekisile imininingwane mayelana nezinsuku, izindawo kanye nezikhathi zemidlalo yeNedbank Cup Semi-finals ezodlala ngenyanga ezayo. Lamaqembu azodlala kulesigaba esilandelayo somqhudelwano  aqhathwe kade kuphela umdlalo obuphakathi kweKaizer Chiefs kanye neRoyal AM owawuse kundleni yezemidlalo iChatsworth Stadium. iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates izobhekana nomunye kowandulela owamanqamu, mase kuthi iStellenbosch FC sona sitholane phezulu neSekhukhune United noma ngubani owinile uzodlala owamanqamu okokuqala ngqa emdlalweni weStellenbosch neSekhukhune.

Continue reading

U-Ayanda Dlamini Usengumqeqeshi wesikhashana kuMaZulu FC

UMengameli waMaZulu, uMnu. uSandile Zungu, usememezele izinguquko endimeni yokuqeqesha eqenjini loSuthu njengoba isekela lomqeqeshi u-Ayanda Dlamini liqokelwe kwesokuba umqeqeshi wesikhashana, kwathi uRomain Folz okade engu mqeqeshi weqembu wangena esikhundleni sokuba ngu-technical director kanti uphinde eluleke umengameli mayelana nezinhlelo zohlelo lwe- AmaZulu’s Vision 2032.

Continue reading

UJordaan uxwayisa amaqembu akwi-PSL angenawo amaqembu abesifazane

Ngonyaka ka-2021, i-CAF yathumela umlayelo ezifundeni zayo ezingu-54 wokuthi amaqembu asekhaya kufanele ethule amaqembu abesifazane njengoba sekuzoba enye yezinto ezidingekayo ukuze amaqembu angenele iChampions League neConfederation Cup. Kodwa-ke, amaqembu ezingxenyeni eziningi zezwekazi, okuhlanganisa neNingizimu Afrika kubukeka sengathi lomthetho awushaya indiva osekudale ukuthi kube nomnqamulajuqu wokwenza lokhu.

Continue reading