Kumenywa amaCiko asafufusa  ukuba angenele umncintiswano we KZN Namuhla Artist Awards 2025

SHEILA MHLONGO

AmaCiko asezothola ithuba lokuziwinela iziNdondo kanye neCash Prize kowe KZN Namuhla Artiststs Awards 2025

Kumenywa amaCiko asafufusa emikhakheni eyahlukene ukuba angenele umncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards 2025. Kulonyaka amaCiko awaqokwa kodwa ayamenywa bese enikezwa ifomu okumele ayigcwalise imininingwane yawo bese ezikhethela umkhakha afuna ukungenela ngaphansi kwawo.

Lomncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards uqale eminyakeni emithathu edlule kusukela ngonyaka ka 2024. Lapho bekuqalwa ngokuqokwa kwamaCiko bese kulandela ukuvotelwa kwawo amaCiko ngeSMS. Nokho kulokhu izinto zithe ukwehluka ngoba amaCiko awaqokwa kodwa ajoyina ngo R250 ohambisana nemininingwane yeCiko kanye nomkhakha iciko elingena ngaphansi kwawo okungaba owodwa noma ngaphezulu.

Uma iCiko seligcwalisile ifomu maqede lakhokha imali engu R250 wokujoyina lithumela ifomu nesithombe salo esicacile ukuze lenzelwe iPoster enemininingwane yokuvotelwa ngemali engu R2 ivoti ngalinye.

Kulokhu akuvotwa nge SMS kodwa ivoti ngalinye lithengwa ngoR2 ngokwemininingwane eyofakwa kwiPoster yeCiko nendlela okwenziwa ngayo.

Izindaba ezimnandi; ezokuthi kulokhu amaCiko nawo asezohlomula ngokuziwinela uCash Prize ngaphezu kwamaTrophy, nezitifiketi,kanye nokuphromothwa,  kulabo abayoba namavoti ahambisana nemibandela ebhalwe kwisimemo.

Okunye okuhle ukuthi alikho nelilodwa ivoti eliyolahleka ngenxa yokubheda kweNetwork. Nokuthi kuyoba lula kakhulu ukubala amavoti ngoba iphephandaba iKZN Namuhla nsuku zonke liyokwazi ukuzibonela labo asebethenge amavoti ngempumelelo.

Inhloso yalendlela entsha yokuvota

Izindaba ezimnandi; ezokuthi kulokhu amaCiko nawo asezohlomula ngokuziwinela uCash Prize ngaphezu kwamaTrophy, nezitifiketi,kanye nokuphromothwa,  kulabo abayoba namavoti ahambisana nemibandela ebhalwe kwisimemo.

Okunye okuhle ukuthi alikho nelilodwa ivoti eliyolahleka ngenxa yokubheda kweNetwork. Nokuthi kuyoba lula kakhulu ukubala amavoti ngoba iphephandaba iKZN Namuhla nsuku zonke liyokwazi ukuzibonela labo asebethenge amavoti ngempumelelo.

  • Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla alixhasiwe ngakho ukuze umcimbi wokuhlonipha amaCiko ube impumelelo kudingeka imali yokukhokhela zonke izindleko kusukela kumalungiselelo kuze kube usuku lomcimbi.Ngaphezu kwalokhu iphephandaba  lidinga izimali zokulisimamisa ukuze liqhubeke likwazi ukushicilela, izindaba, ligaye iphephandaba, likhokhele abasebenzi, liphinde likwazi ukubhekana nezindleko zezokuxhumana okubalwa i-Airtime neData.
  • Ukukhokhela imiklomelo yama Trophy kanye nezitifiketi.
  • Ukuhlomulisa amaCiko  enze kahle ngokuvotelwa.
  • Ukukhokhela izindleko zendawo yokwenza umcimbi.
  • Ukukhokhela izindleko zokwenza iVideo kuleloCiko Eliyowashaya onke emakhanda.

Ngakho kuwo wonke amaCiko afisa ukungenela iKZN Namuhla Artists Awards asengakwazi ukubhalisa kusukela ngomhlaka 10 Mashi 2025 kanti ukuvalwa kokubhalisa kugcina ngomhlaka 15 June bese kuqalwa ukuvota ngomhlaka 16 June. Wonke amaCiko ayobe esethole ama Poster awo anesithombe kanye nemininingwane yonke yokuvotelwa.

Ukuvalwa kokuvota kuvalwa ngomhlaka 30 August 2025

Umcimbi uyoba ngoMgqibelo womhlaka 6 Septhemba 2025 endaweni eyokwaziswa.

Ngakho kumenywa amaCiko avela ezingxenyeni zonke ze KwaZulu-Natali kanye nakwezinye izifundazwe zakuleli amukelekile ukungenela.

Ukwazi kabanzi kungaxhunyanwa noMhleli umama uSheila Mhlongo kuWhats App number :076 390 6969 kunombolo ye WhatsApp  079 467 9297 baxhumane noSbu Mamba. Email:editor.kznnews@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *