NOMTHANDAZO MAGOSO
Sifisa ukuvakashela umhlaba wonke nomculo wethu usabalale emazweni omhlaba wonke. Izinhlelo esinazo kulonyaka ukuthi ngomhlaka-31 May sinomcimbi eHowick ozoqala ngo-16h30 ntambama, ngisasezingxoxweni nabanye ngomcimbi esifisa wenzeke ngomhlaka-28 June Emhlanga (Granada center), Ballito farmers market (pending) kanye neclifton boys (pending). NgoSepthemba mhlaka-24 kuya 31 sinohambo oluya EThailand .
Umculi esifisa ukusebenza naye uSjava koProducer uDust Nkosi.Isifundo esisifundile ukuthi kubalulekile sibekezelelane sicathulisane sibambane sithobelane. Kunengoma eyi-Single entsha sha ezayo abantu abayilindele uma kungekhona lenyanga ake sithi mhlampe koshaya uJulayi seniyizwile balandeli bomculo. Sinezimbili eseziphumile nesezidlalwa emsakazweni ‘i-Sweety my love & Arrive Alive.’ ziyatholakala kuwo wonke amaDigital platforms. siyatholakala kuFacebook: Abacikozi Entertainment, Tik Tok : ABACIKOZI, Instagram: ABACIKOZI_OFFICIAL , For Bookings : 073 151 4700 noma
WhatsApp: 082 261 3112.

